UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 11 KWEZINGU- 13

Incwadi ka 2 Amakhosi 6:24 iya kuya esahlukweni sika 7, sivakashela indaba kaElisha lapho uNkulunkulu esebenzisa uElisha ukuhlangabezana nezidingo zabantu baKhe. Kulendima isizwe sakwaIsrayeli sihluphekile ngenxa yendlala njengoba inhlokodolobha yabo ihlaselwe amaAramu. UElisha uphrofetha ukuthi uNkulunkulu uzobanika ukudla okuningi ngendlela yokuthi akuzukuba nanani ngenxa yobuningi bakho. Okwenzeka emvakwalokho esinye isimo empilweni kaElisha njengoba uIsrayeli ethola ukuthi isizwe samaAramu sesinyamalele futhi sashiya ngokungakholweki konke ukudla kwabo ngemuva. UNkulunkulu futhi uhlangabezana nezidingo zikaIsreayeli. UNkulunkulu ukhona ukusiza abantwana bakhe kanye nawe.

Cabanga ngezikhathi lapho wawudinga khona usizo. Cabanga ngezindlela angenelele ngazo empilweni yakho ukukuhlangabeza kuzo zonke izidingo zakho. Wakwenza kumaIsrayeli. KwabaseFiliphu 4:19 sithola ukuthi uNkulunkulu uzohlangabezana nezidingo zethu zonke ngengcebo yenkazimulo yaKhe kuKhristu Jesu. Lesosithembiso saba yiqiniso izinkulungwane ezimbili zeminyaka ezedlule kumaIsrayeli futhi sisamile namanje. UNkulunkulu angeke akushiye futhi uzokusiza ukuhlangabezana nezidingo zakho noma zinkulu noma zincane kangakanani. Umbone ngaziphi izindlela uNkulunkulu ehlangabezana nezidingo zakho njalo empilweni yakho?
Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelweni wakhe wokuthi impilo ingaba njani uma uyekelela futhi uphile ngkukholwa okungakholweki.

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church