KwabaseKoloseIsampula

Umphostoli uPawulu uphetha incwadi yakhe eya kwabaseKolose ngemiyalezo embalwa yomuntu siqu egcizelela amaphuzu amathathu awasho ngaphambili.
Amavesi ambalwa emuva uPawulu watshela izinceku ukuba ngokuzithandela zikhonze sengathi zikhonza uJesu. Futhi watshela amakhosi ukuba akhumbule ukuthi ayizigqila zeNkosi yawo, uNkulunkulu. Ngakho, uPawulu wethula isisebenzi esikanye naye uThikhiku kanye nesigqila esibalekile okuthiwa u-Onesimu. Ibandla laseKolose lahlangana emzini wenkosi ka-Onesimu futhi lalazi kahle ukuthi u-Onesimu wayebalekile. Nokho, uPawulu utshela ibandla ukuba lamukele u-Onesimu njengomzalwane, njengoba nje no-Onesimu ebuya ngokuzithandela njengesigqila. Kulesi singeniso, uPawulu umisa ibandla laseKolose ekwenzeni uthando lwabangasekho olubizayo ebudlelwaneni obungadinga ukuphindiselwa.
Ngaphambilini, uPawulu wenza umzamo omkhulu ukuze afakazele ukuthi yayingekho indlela yamaJuda nendlela yabeZizwe yokujabulisa uNkulunkulu. Bonke abantu bamunye njengezidalwa zikaNkulunkulu, futhi bonke abantu basindiswa nguJesu kuphela. Ngakho, uPawulu ubala amagama amaJuda amathathu namaGreki amathathu ayizisebenzi kanye naye futhi uloba imikhonzo yawo. Lolu hla lwamagama ayisithupha lukhumbuza abaseKolose ukuthi bayingxenye yesu likaJesu lokuhlanganisa bonke abantu ensindisweni yakhe.
Kuyo yonke incwadi yakhe uPawulu ugcizelela isidingo kwabaseKolose sokukhula ezimfundisweni zikaJesu. Ngokungena ngokujulile emyalezweni kaJesu, uPawulu uyazi ukuthi abaseKolose bazozwa ubukhulu bukaNkulunkulu futhi balingise impilo kaJesu. Ngakho, uPawulu uveza u-Ephafra, umsunguli webandla laseKolose. U-Ephafra waya kuPawulu etilongweni, ukuze amkhuthaze futhi ambuze ngebandla lakhe. Phakathi nalesosikhathi uPawulu wabona uthando olujulile luka-Ephafra ngabaseKolose nendlela athandazela ngayo ngobuqotho ukuba bakhule ekuzinikezeleni kwabo kuJesu. Njengomphostoli, uPawulu wayehlanganyela kulo mthwalo awunikiwe. Futhi ukukhuluma ngomthandazo ka-Ephafra wokukhula kuyindlela ephumelelayo yokuphetha incwadi yakhe nokukhumbuza abaseKolose ngesidingo sabo sokujula eqinisweni nasekuphileni kukaJesu.
Umlandeli kaJesu okhulile uyakwamukela ukuthi usindiswa nguJesu yedwa futhi uthanda ngokuzidela ngisho nalapho kungase kube nelungelo lokufuna isijeziso. Lezi izifundo ezinzima zokupila, kodwa incwadi yabaseKolose iphetha ngethemba—ithemba lokuthi singakwazi ukukhula njengabalandeli ba Jesu.
Singaba nethemba lokukhula ekukhonzeni uNkulunkulu ngenxa yakho konke uPawulu akuloba ngaphambi kwale miyalezo esemqoka. Ukugcwala kwamandla kaNkulunkulu kuhlala kithi. Izingxenye zethu ezindala, ezifile, nezinesono zibethelwe esiphambanweni. Sithethelelwe ngokuphelele ngamaphutha ethu adlule. Nehlazo okufanele lihambisane nokubhekana nezono zethu liphucwe izikhali ngoba kuJesu ukululazeka kwethu kuzoba yizikhathi zokuvuka.
KuJesu, uyakhula, usuku nosuku futhi , njalo njalo, uya ufaniswa nomfanekiso ka Jesu. Qiniseka, uyakhula njalo lapho ukhumbula lokho uJesu akwenzele kona. Awusafani nakuqala. Ngisho noma uzwa sengathi akukho okushintshile nokuthi ungumuntu ofanayo nalowo owawunguye eminyakeni emithathu edlule, akulona iqiniso. Uma ugxilisa amehlo akho kuJesu, uyathembisa ukukukhulisa.
Ngiyakhuleka ukuthi uMoya oNgcwele akuvule amehlo ubone uNkulunkulu osiguqulayo. Futhi kwangathi ungambona uJesu ekukhulisa ube ngomfanekiso wakhe njalo lapho ukhumbula lokho akwenzele kona.
Mayelana naloluHlelo

Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine luhlola incwadi kaPawulu eya kwabaseKolose, lapho ephikisana nemfundiso yamanga ngokusikhumbuza ukuthi uJesu - Emkhulu futhi wanele - wenza umhlaba wonke futhi wahlenga isintu. UPawulu unikeza nokuhlakanipha ngobuhlobo emindenini, ngomthandazo, ukuphila okungcwele, nokuthi kusho ukuthini ubunye othandweni.
More
Sithanda ukubonga u- Spoken Gospel ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: http://www.spokengospel.com/