KwabaseKolose 2:6-15

KwabaseKolose 2:6-15 ZUL59

Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye, nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla, enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu; esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni; ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 2:6-15