KwabaseKholose 2:6-15

KwabaseKholose 2:6-15 ZUL20

Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye, nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga. Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu. Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla, enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu; nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu. Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni. Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKholose 2:6-15