KwabaseKolose 2:6-15

KwabaseKolose 2:6-15 CZB24

Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye; Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu. Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba. Nina niphelele kuye, eyinhloko yakho konke ukubusa namandla; Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu. Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko; Wesula umbhalo wesandla wemithetho owawumelene nathi, owawumelene nathi, wawususa endleleni, wawubethela esiphambanweni sakhe; Esephucile imibuso namandla, wabukisa ngabo obala, ebanqoba ngawo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 2:6-15