URutheIsampula
URuthe noNawomi basanda kuthola ukuthi uBhowazi ungomunye ‘wabahlengi’ bomndeni wabo. Kwa-Israyeli, “umhlengi” unomthwalo wemfanelo wenhlalo nomthetho wokunakekela izihlobo ezimpofu, ikakhulukazi abafelokazi. Esimweni sakhe samanje, uNawomi kuzodingeka athengise umhlaba womndeni wakhe ukuze aphile. Kodwa uma uBhowazi eshada noRuthe, izinkinga zabo ziyoxazululeka! NgoBhowazi, ukuphela kobuze babo kubonakala sengathi kungase kufezeke. Kodwa uRuthe ungumfelokazi futhi umpofu, uyinyumba futhi ungumfokazana. Akucaci ukuthi uBhowazi uzoke ajabulise uRuthe njengomlingani ongase abe umkakhe.
Ngakho uNawomi uqhamuka nesu elihlakaniphile kodwa eliyingozi lokuthola isicelo somshado kuBhowazi. URuthe kudingeka agqoke, agcobe amakha abizayo, abese elinda uBhowazi ukuba alale ngemva kokudla okukhulu. Khona-ke kufanele embule izinyawo zakhe futhi alale eduze kwakhe.
Lelisu lihlakaniphile ngoba uNawomi ulinda aze asuthe uBhowazi futhi ajabule. Ukwembula izinyawo zakhe kusho ukuthi ngesikhathi esithile ebusuku, uBhowazi uyovuka emakhazeni futhi—ngokumangazayo—abone uRuthe omuhle elele ezinyaweni zakhe ngokuthobeka. Kodwa lolu hlelo ludlala ngothando ngendlela engafanelekile: owesilisa nowesifazane bodwa ebusuku, balele ndawonye futhi bbasekucasheni. URuthe waze 'wamambula'. Ukucindezeleka ngokobulili kungenza ukuthi uBhowazi athatha lelisu ngendlela engafanele. Kodwa uRuthe uyavuma ukwenza lokho uNawomi athi akakwenze.
Kodwa-ke, uRuth akenzi ngendlela ayalwe ngayo. Lapho uBhowazi evuka futhi embona, uRuthe akalindi impendulo yakhe. Kunalokho, uRuthe ukaceli nje umshado kuphela kodwa ukuhlengwa kukaNawomi nefa lakhe. URuthe ubiza uBhowazi ngokuthi “umhlengi.” Ufuna isandla sikaBhowazi emshadweni, hhayi nje ukuze kuzuze yena kodwa noNawomi. Uzalo lukaNawomi luzophela ngaphandle kosizo lukaBhowazi. Kodwa uma uBhowazi emshada, ingane kaRuthe iyoba indlalifa kaNawomi futhi izwe likaNawomi liyohlala emndenini wakubo.
Ukwethembeka kukaRuthe kuNawomi kuyamjabulisa uBhowazi. Akagcinanga ngokushiya izwe lakubo ngenxa yakhe, futhi uzimisele ukusebenzisa umshado wakhe ukuze kuzuze uNawomi okuhle nenjabulo kuneyakhe.
UBhowazi ufuna ukuvuma, kodwa kukhona inkinga. Ukhona omunye umhlengi odinga ithuba lokuthi angene.
Kuyo yonke indaba kaRuthe noNawomi kunegama lesiHebheru elibalulekile ukuliqonda. Cishe lihunyushwe ngokuthi “umusa” eBhayibhelini lakho.
Sitshelwa ukuthi uRuthe wabonisa uNawomi umusa ngokushiya izwe lakubo. UBhowazi wabonisa uRuthe umusa ngokupha yena noNawomi ukudla. UBhowazi ubiza isicelo sikaRuthe somshado njengesenzo somusa. Umusa kuRuthe akusho nje ukuba muhle, kodwa ukwethembeka. Futhi ngalé kokwethembeka, kusho ukwethembeka komhlatshelo. Kwabiza uRuthe kakhulu ukushiya izwe lakubo. Isiphakamiso sikaRuthe kuBhowazi sisho ukuthi uyayeka ukushada ngenxa yothando noma imali. Futhi njengoba sizobona esahlukweni esilandelayo, ukwamukela lesi sicelo somshado kubiza uBhowazi ngokwezimali—ingasaphathwa eyezindleko zomphakathi ezingase zibe khona ngokushada nomuntu wangaphandle oyinyumba.
Isikhathi sokuqala lolu hlobo lomusa kukhulunywa ngalo eBhayibhelini kulapho uNkulunkulu ezichaza khona ku-Israyeli eNtabeni iSinayi. UNkulunkulu uthi uthembekile futhi unomusa ongaguquki. Uyothanda u-Israyeli kungakhathaliseki ukuthi uzolahlekelwa yini. KuRuthe noBhowazi sibona isithombe esiphilayo somusa kaNkulunkulu, kodwa futhi sibona isithombe esiphilayo sothando lukaJesu ngathi.
Ngenxa yokwethembeka ezithembisweni zikaNkulunkulu zomusa ongaguquki, uJesu washiya izwe lakubo washada nomakoti okwambiza kakhulu. Futhi njengoba nje uRuthe engazange amcele uBhowazi ngoba wayemuhle noma ecebile, uJesu akazange azihlanganise nathi ngoba sibahle kakhulu noma sikhanya kakhulu. UJesu wasifela ngoba unomusa futhi uqotho. Unomusa kubantu abaswele, futhi uthembekile ezithembisweni azenzile.
Engabe uyawudinga umusa kaNkulunkulu? Uyafuna umusa womhlatshelo weNkosi uhlangabezane nezidingo zakho? Khona-ke ube njengoRuthe. Lala ezinyaweni zakhe futhi ucebise. Mtshele ngesibindi ukuthi yini ezokwenzeka uma engenzi okucelayo—futhi uthembele kuNkulunkulu onomusa kunoBhowazi futhi uzokunika konke okudingayo.
Zibonele wena
Umoya ongcwele makavule amehlo akho ukuze ubone uNkulunkulu osibekele ngamaphiko akhe. Futhi kwangathi ungawubona umusa kaJesu oqotho njengoba ezidela ukuze sisuthe.
Mayelana naloluHlelo
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusebenza njengokuhlaziywa kwencwadi kaRuthe, lukhombisa ukwethembeka kukaNkulunkulu, ukunakekela, ukuhlenga, kanye nozwelo. Uma uzizwa ulahlekile, noma sengathi ungaphandle usaxakekile, indaba kaRuthe izokukhuthaza futhi ikunikeze ithemba, ikukhumbuze ukuthi uJesu, uMhlengi wethu omkhulu, uthululela umusa Wakhe kwabathobekile.
More
Sithanda ukubonga u- Spoken Gospel ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: http://www.spokengospel.com/