UKristu Iqhawe LethuIsampula

UKristu Iqhawe Lethu

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Ukwethulwa

KumaHubo 68:15-18, umhubi uyajabula ngamandla kaNkulunkulu azoletha abantu Bakhe ekhaya bephephile entabeni kaNkulunkulu. Ngevangeli, mina nawe njengamaKristu sinikezwe isithembiso esiqinile sokuthi sizofika siphephile ekhaya lethu laphakade.

Ivesi 18 leHubo libhekisela kulowo owenyukela phezulu, ehola izithunjwa eziningi ohambweni Lakhe. Umphostoli uPawulu usitshela kwabase-Efesu 4:8 ukuthi iHubo 68:18 lichaza uKristu Jesu kanye nokunqoba Kwakhe kwaphezulu okufezwe ngokuvuka Kwakhe kwabafileyo.

EyamaHeberu 12:2 isiyala ukuba sigxilise amehlo ethu kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokholo. Igama lesiGreki elihunyushwe kuleli vesi njengo mqalisi nomphelelisi, lihunyushwa kangcono ngokuthi ingqwele. Ngamanye amazwi, esiphambanweni, uJesu waya empini esikhundleni sethu enesono nokufa futhi wavela engumnqobi ngokuphelele! Ngamanye amazwi, uKristu ungumlweli wethu ongcwele!

Ngenxa yalelo qiniso levangeli, 1 KwabaseKorinte 6:14 isiqinisekisa ngokuthi manje singaphumula kuKristu, sazi ukuthi wona kanye lawo mandla amvusa kwabafileyo ayasebenza ekuphileni kwethu namuhla ukunqoba isono ekuphileni kwethu, futhi ngolunye usuku asivuse futhi asingenise ebukhoneni bukaNkulunkulu uBaba.

AmaKristu anesiqiniseko sevangeli esiqinile sokuthi noma ngabe kwenzekani kithi kule mpilo, ngolunye usuku uNkulunkulu uyosethula ngokuphephile ekhaya Kuye.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

UKristu Iqhawe Lethu

NgoKristu iqhawe lethu, uNkulunkulu uye owasivikela phakade ngokusikhulula esonweni nasekufeni, Uyasilondoloza manje kulomhlaba owile, futhi ngolunye usuku uyosethula ngokuphephile ekhaya Kuye.

More

Sithanda ukubonga u- Returning to the Gospel - Southern Africa ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/