Ukudonselwa Ekuphileni Ukukhanya OkungenakuvinjelwaIsampula

Ukudonselwa Ekuphileni Ukukhanya Okungenakuvinjelwa

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Izinhlobo eziningi zezimfudu zasolwandle zisengozini. Lokhu akubangelwa yizilwane ezidla ezinye, abantu, noma ukungcola; kungenxa yokwanda kokukhanya okwenziwa ngasogwini.

UNkulunkulu wadala izimfudu zasolwandle ukuze zizalwe lapho inyanga egcwele. Lapho lezi zimfudu zichanyuselwa, ukukhanya kwenyanga kuziqondisa endaweni yazo engokwemvelo—ulwandle. Impilo yofudu lwasolwandle isemanzini.

Abacwaningi bamangala lapho bethola izimfudu zasolwandle ezincane zifile ekupheleni kwemizila yamazombezombe phakathi kwendlela ekhanyayo yenyanga egcwele kanye nokukhanya okwenziwa okuvela ezindlini zasolwandle, amalambu, nesiphithiphithi. Ukuphazanyiswa ukukhanya kokwenziwa kwadonsa izimfudu zasolwandle zafa.

Lesi sifundo seBhayibheli sizokudonsela ekukhanyeni kukaJesu okungenakuvinjwa. “Mina ngikukhanya kwezwe … woba nokukhanya kokuphila” (NgokukaJohane 8:12). Kuzokudonsela eZwini Lakhe—“ Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (Amahubo. 119:105) futhi akunike amandla okuba yizinkanyiso zikaKristu ezweni elimnyama “Ningukukhanaya kwezwe ... makukhanye ukukhanya kwezi ukuze abantu babone” (NgokukaMathewu 5:14).

Usuku ngalunye: funda umBhalo, thandazela ukuqonda, futhi uphendule imibuzo.

Ngokusekelwe kulesi siqephu, ungamchaza kanjani uJesu? Yini oyifundile ngoJesu kulokho akushoyo nakwenzayo?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Ukudonselwa Ekuphileni Ukukhanya Okungenakuvinjelwa

Nsuku zonke njengoba ufunda, uzindla, futhi usebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwakho, uyokuhlomela kangcono ukubona izibani zokwenziwa zesitha, uhlale endleleni ekhanyayo kaNkulunkulu, futhi ukhanyisele uKristu ngokukhazimulayo ekhaya nasemphakathini wakho.

More

Sithanda ukubonga Izifundo ZeBhayibheli Zakwamakhelwane (NBS2GO), uJoan Parsons, noRebecca Davie ngokufaka isandla kulolu hlelo. Ngoba. ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.nbs2go.com/index.php/youversion-subscriber-welcome/