NgokukaJohane 3:1-21

NgokukaJohane 3:1-21 ZUL59

Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda. Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?” Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.” UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu. Nxa nginitshelile okomhlaba, kanakholwa; ningakholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na? Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi. Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa. Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo