NgokukaJohane 3:1-21

NgokukaJohane 3:1-21 ZUL20

Kwakukhona umuntu owayengumFarisi, igama lakhe nguNikhodimu, engumholi wabaJuda. Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.” UNikhodimu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena yini esibelethweni sikanina ngokwesibili, ukuba azalwe na?” UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’ Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.” UNikhodimu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu. Uma nginitshelile ngokomhlaba, kanakholwa; pho ningakholwa kanjani uma nginitshela ngokwasezulwini na? Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa, ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi. Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke. Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo