Izinto Ezingu-7 IBhayibheli Elizishoyo NgokukhathazekaIsampula
![7 Things The Bible Says About Anxiety](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F4538%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Encwadini yabaseRoma, uPawulu uthi ngesikhathi uvuma ukuthi uJesu uyiNkosi noMsindisi wakho, uthathwa emndenini kaNkulunkulu, futhi uba nguYihlo. UNkulunkulu akayena ubaba ojwayelekile. Uyihlo wasemhlabeni ongumuntu futhi unesono, okusho ukuthi uye wakudumaza esikhathini esidlule...futhi cishe uyokudumaza esikhathini esizayo.
UNkulunkulu uphelele futhi muhle. Akasoze akuphoxa. UZefaniya 3:17 uchaza uthando lukaYihlo osezulwini olumangalisayo ngawe: Unawe, uyajabula ngawe, futhi weneme ngawe! UZefaniya uthi uNkulunkulu futhi ungumvikeli wakho nomduduzi wakho. “Ngothando lwakhe, uyokuthulisa konke ukwesaba kwakho.”
Ihubo 139 lithi uNkulunkulu ubenawe kusukela uqala ukukhula esibelethweni sikamame, futhi uzakuba nawe nomaphi lapho uya khona. Uyingcweti yendalo Yakhe, futhi Ungumsekeli wakho omkhulu njengoba uthola futhi uphila ngakho konke Akudalele ukuba ube yikho.
Kubone ngesithombe lokhu: ingane ilele embhedeni ilele ubuthongo kanti ukuduma kwezulu kukhula ngamandla njengoba ubusuku buqhubeka. Umbani nokuduma kungazelelwe kuthuse ingane ebuthongweni, futhi ngemva kokukhalela usizo, ubaba onothando uyagijima ayithandele ingane. Njengalowo mzali, uNkulunkulu uhlala ekhona kuwe. Ngothando lwakhe, uzothulisa konke ukwesaba kwakho.
U-Kylyn Hersack
I-YouVersion Android Engineer
Mayelana naloluHlelo
![7 Things The Bible Says About Anxiety](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F4538%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Usuku nosuku lunamandla okwethula izinselelo ezintsha ezinzima ezimpilweni zethu. Kodwa ngokufanayo kungenzeka ukuthi usuku ngalunye olusha luzosipha amathuba amasha ajabulisayo. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, amalungu e-YouVersion akusiza ukuthi usebenzise amaqiniso eZwi likaNkulunkulu kunoma yini obhekene nayo namuhla. Inkonzo yansuku zonke ihlanganisa nevesi lesithombe ukukusiza ukuthi wabelane ngalokho uNkulunkulu akhuluma ngakho kuwe.
More
Izinhlelo zohlobo olufanayo
![Ukungakhathazeki Ngalutho](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F16022%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Ukungakhathazeki Ngalutho
![Ukuthola Ukuthula](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F13452%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Ukuthola Ukuthula
![Kusuka ekukhathazekeni kuya Ekuthuleni](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F16462%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Kusuka ekukhathazekeni kuya Ekuthuleni
![Ukungaphumuli](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F15303%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Ukungaphumuli
![Izimiso Zokusebenzisa Isikhathi Ezivela Ezwini LikaNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F11397%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Izimiso Zokusebenzisa Isikhathi Ezivela Ezwini LikaNkulunkulu
![Ukufuna Nsuku Zonke Inhliziyo KaNkulunkulu - Inhlakanipho](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F13048%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Ukufuna Nsuku Zonke Inhliziyo KaNkulunkulu - Inhlakanipho
![Hlela Kabusha Ingqondo Yakho: Ukulungisa Imicabango Enobuthi](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F17340%2F320x180.jpg&w=640&q=75)
Hlela Kabusha Ingqondo Yakho: Ukulungisa Imicabango Enobuthi
![Ukhethiwe: Zikhumbuze NgeVangeli Nsuku Zonke](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F12737%2F320x180.jpg&w=640&q=75)