Izinto Ezingu-7 IBhayibheli Elizishoyo NgokukhathazekaIsampula

7 Things The Bible Says About Anxiety

USUKU 6 KWEZINGU- 7

Empilweni uzoba nenkinga. Ngenxa yemvelo yethu enesono namaqhinga esitha, izinkinga zitholakala nxazonke. Akufanele simangale ngezinkinga zethu; UJesu usitshela ngokusobala ukuthi siyoba nezinkinga kulo mhlaba. Kungani Asho lokho na? Ngoba Wethembekile, futhi Uyasithanda. Ngokusilungiselela kusengaphambili, uJesu usisiza ukuba sigweme ukungabaza nokwesaba lapho sizithola sisebunzimeni.

UJesu wasibonisa ukuthi kunjani ukulalela ngokuthobeka. Walalela ezintweni ezinzima kakhulu kunalezo iningi lethu eliyoke libhekane nazo—kwaze kwaba sekufeni esiphambanweni. Manje, Uhlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu uBaba, esikhulumela. Singaduduzeka ngokwazi ukuthi sinomngani ozwelana nobuthakathaka bethu.

Singagubha sazi ukuthi lonke uhambo olunzima lusisondeza kuKristu kanye nombuso Wakhe waphakade. Nali ithemba lethu: UJesu Kristu usinqobele phakade isono nokufa. Ukufa kwakungeke kuMbambe, ithuna lalingenakumthwala, amandla esono ayengenakumehlula, nobumnyama babungeke bumehlule!

Njengoba umsebenzi kaKristu ophelile esiphambanweni usivumela ukuba sibe ngabantwana bakaNkulunkulu, nathi singasinqoba isono. UJesu uselinqobile kakade izwe—futhi lokho kuhlanganisa zonke izimo ezinzima eziqukethwe yilo. Manje, singabheka phambili ekhaya lethu laphakade noJesu.

U-Jacob Allenwood
I-YouVersion Web Developer

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

7 Things The Bible Says About Anxiety

Usuku nosuku lunamandla okwethula izinselelo ezintsha ezinzima ezimpilweni zethu. Kodwa ngokufanayo kungenzeka ukuthi usuku ngalunye olusha luzosipha amathuba amasha ajabulisayo. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, amalungu e-YouVersion akusiza ukuthi usebenzise amaqiniso eZwi likaNkulunkulu kunoma yini obhekene nayo namuhla. Inkonzo yansuku zonke ihlanganisa nevesi lesithombe ukukusiza ukuthi wabelane ngalokho uNkulunkulu akhuluma ngakho kuwe.

More

Lolu hlelo lwabhalwa futhi lwahlinzekwa yithimba e-YouVersion. Vakashela i-youversion.com ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.