Ubuciko BokunqobaIsampula
Usuku 2: Ukholo Ebumnyameni
“Kunesilwane esisabekayo ngaphansi kombhede wami!”
Ikhona ingane eke yakuvusa ngalesi sililo esesabekayo? Mhlawumbe nawe wake waba yileyo ngane.
Njengoba sikhula, izilo ezingaphansi kombhede ziyanyamalala. Kodwa izilo ekhanda lethu zikhula ngamandla. Singagcina sesiphila ngokwesaba izitha ezingase zisihlasele kanye nobubi obungase busehlele.
Sonke sibhekene nengxenye yethu yokwesaba. Eqinisweni, kuningi okumele sikwesabe kuleli zwe elingaqinisekile. Sonke sinokuthile okusenza siqwashe futhi singalali ebusuku.
Ithini-ke impendulo?
Yamukela ukholo kuNkulunkulu olukhulu ngokwanele futhi oluqotho ngokwanele ukuze uvulele isikhala sezilingo nezinhlekelele, hhayi nje ukunqoba. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani—noma siphila noma sifa, siwina noma sihlulwa, siyaphumelela noma siyehluleka—uNkulunkulu nguye ophethe, futhi angethenjwa (KwabaseRoma 8:38-39).
Sizobhekana nezinto ezinzima empilweni. Akukho okunganqamula ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Ngisho noma ukwesaba kwethu okubi kakhulu kwenzeka, sisengakwazi ukuthembela othandweni nasebukhoneni bukaNkulunkulu. Akukhona lokho okushiwo ukholo? Ukuthembela okufana nokwengane othandweni lukaNkulunkulu?
Uma ufunda ukuphila ngokukholwa kuNkulunkulu, ukufa nokulahlekelwa kuphelelwa amandla. Ukholo lukwenza ukwazi ukubhekana nanoma yiluphi usongo, noma yiziphi izindaba ezimbi, nanoma yikuphi ukwesaba ngaphandle kokukhungatheka. Vumela ukholo luchaze impilo yakho, futhi luzokuhambisa udlule kwisipiliyoni sakho sokufa ungalimalanga. Unganikezi nje udumo ngokunqoba - kuvumele ukuthi kukuthwale ekwehlulekeni, ekudumazekeni, nasekulimaleni futhi. Yilapho kuba ngcono kakhulu.
Yebo, okubi kakhulu kungenzeka. Cha, isimangaliso sakho kungenzeka singenzeki ngapha kwezulu. Yebo, kunezinsuku ezinzima ezizayo.
Kodwa akumele wesabe. Ukholo luvula amehlo akho kuNkulunkulu okuhaqile ngezingalo zothando namabutho okuvikela.
Mayelana naloluHlelo
Impilo igcwele izithiyo, ukulahlekelwa, ukudumazeka, nobuhlungu. "Ubuciko Bokunqoba" buzokusiza ukuthi ubhekane nokulahlekelwa, usizi, nokulimala. Kumayelana nokwenqaba ukuvumela izinto ezibukeka njengeziphetho zikuthene amandla noma zikuphazamise. Kunalokho, vumela uNkulunkulu aziguqule zibe yiziqalo. Lapho impilo idida futhi inzima, ungayeki. Bheka. Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isikhathi esinzima noma ukulahlekelwa okubuhlungu obhekene nakho, uNkulunkulu unawe.
More