Ubuciko BokunqobaIsampula

The Art of Overcoming

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Usuku 1: Iziphetho Ziyiziqalo.

Uma uke wabhekana nokushona okungazelele komngani noma ilungu lomndeni, uyawazi amandla amabi okufa lapho kugadla. Kuyafana nokulahlekelwa kungazelelwe noma yini esikwazisayo. Kuyisibhakela esiwisa emikhondweni yethu. Sizizwa singenamandla, singenathemba, futhi sinqotshiwe.

Kodwa kuthiwani uma ukulahlekelwa nosizi kungekona okokugcina njengoba bekuzwakala?

Lapho ngiqhubeka ngifunda iBhayibheli futhi ngilandela uJesu isikhathi eside, kulapho ngibona khona leli qiniso elilula lisebenza: esicabanga ukuthi iziphetho ngokuvamile kuba yisiqalo. Esicabanga ukuthi ukulahlekelwa kuvame ukuphenduka kube inzuzo. Okufanele kube ubuthakathaka ngandlela-thile kuba amandla. Okwakuhloselwe okubi kubangela okuhle. Kungani? Yingoba unamandla futhi muhle kanjalo uNkulunkulu. Unendlela yokuguqula into embi kakhulu engenzeka ibe yinto engcono kakhulu engenzeka.

Ukushintsha umbono wethu ukuze sibone isithombe esikhulu akulula futhi kunobuhlungu.

Cabanga ukuthi yini okufanele idlule ekhanda lomntwana lapho ezalwa. Ngangikhona lapho kuzalwa indodana yami. Akazange ayijabulele inqubo nakancane! Cishe wayezokhetha ukuhlala esibelethweni. Wayengenakuyicabanga inkululeko yezwe langaphandle.

Ngendlela efanayo, sivame ukubambelela kubantu, izindawo, noma amaphupho esiqala ukulahlekelwa ngenxa yokwesaba okungaziwa. "Ukufa okuncane" kuyasethusa ngoba asikwazi ukubona ngeso lengqondo lokho okuzayo. Njengomntwana osanda kuzalwa, asinalo ngisho nolimi lwako.

Kodwa endabeni kaNkulunkulu, ukuvala kwesahluko esisodwa kuvamise ukuba yisiqalo sethuba elikhulu. UJesu wachaza ukuphila kwakhe njengembewu eyayidinga ukufa futhi ingcwatshwe ngaphambi kokuba ilethe ukuphila kwabaningi (NgokukaJohane 12:23-25). Isimiso sisebenza kwezinye izinhlobo zokufa ezimpilweni zethu.

Ukufa akusona isiphetho. Kuwu kuphela, yebo, kodwa akusona isiphetho. Kuyisiqalo futhi, isinyathelo esidingekayo ngaphambi kokuthi okusha kube khona.

Ngakho, esikhundleni sokwethuka ngenxa yokwesaba okungaziwa, donsa umoya. Khetha ukwethemba uNkulunkulu. Ngena ngomnyango. Uma kungaba phupho eliphukile, ukulahlekelwa umsebenzi, ubuhlobo obuphukile, noma enye into ekushiye udidekile, kukuwe ukuthi ucubungule lokho kufa ngendlela efanele - bese udlulela phambili kokusha.

UNkulunkulu ufuna ukuguqula isiphetho sakho sibe yisiqalo.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

The Art of Overcoming

Impilo igcwele izithiyo, ukulahlekelwa, ukudumazeka, nobuhlungu. "Ubuciko Bokunqoba" buzokusiza ukuthi ubhekane nokulahlekelwa, usizi, nokulimala. Kumayelana nokwenqaba ukuvumela izinto ezibukeka njengeziphetho zikuthene amandla noma zikuphazamise. Kunalokho, vumela uNkulunkulu aziguqule zibe yiziqalo. Lapho impilo idida futhi inzima, ungayeki. Bheka. Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isikhathi esinzima noma ukulahlekelwa okubuhlungu obhekene nakho, uNkulunkulu unawe.

More

Sithanda ukubonga i-Biblica ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.biblica.com/timtimberlake