Ukupha: Ngemali futhi Nangaphandle KwemaliIsampula

Being Generous: With and Without Money

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Ngiqa kuphi?

Ingabe uyafuna ukuphana kodwa awazi ukuthi ungaqala kanjani? Awuwedwa. Kuze kube manje sibheke izindlela ezimbalwa zokulungisa kabusha umqondo wethu. Namuhla, sizobheka ukuthi singadlulela kanjani esenzweni esiphusile.

Ngingasiza kanjani? Kulula ukusebenzisa amandla ethu amaningi engqondo ezinkathazweni, izinhlelo, nezinkinga zethu. Kodwa lapho sichitha isikhathi esiningi sigxile ezidingweni zethu, silahlekelwa ukuqaphela izidingo zabanye.

Kodwa kwenzekani uma sishintsha okunye kokugxila kwethu ngentshiseko? Siqala ukubuza imibuzo efana nokuthi "Udingani umphakathi wami?" noma “Ngingamsiza kanjani umakhelwane wami?”

Intshiseko iyibhuloho phakathi kwalokho okufanele sikuphe kanye nezidingo zabanye. Kusisiza nokuba siqondise ukupha kwethu endleleni efanele. Yebo, awukwazi ukuhlangabezana nazo zonke izidingo ozitholayo, kodwa ungasiza othile ngokuphana.

Awuwedwa. Ungumuntu oyedwa, kodwa futhi uyingxenye yento enkulu kunawe. Njengomlandeli kaJesu, uyingxenye yomphakathi ogxile kwabanye. Yize sidinga ukuzinakekela, sinomthwalo wemfanelo futhi ngenhlalakahle yabanye.

Thandaza: Nkulunkulu, ngisize ngithole izindlela zokuphana. Egameni likaJesu, ameni.

Inselelo: Zibuze, “Udingani umakhelwane wami?” Futhi uma ungazi, buza.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Being Generous: With and Without Money

Ungase ube usozigidigidi, noma ungase ube sezingeni eliphakathi-noma ngabe iyiphi indlela, ungaba ophanayo. Ukupha akuhlangene kangako ne-akhawunti yakho yasebhange futhi kuhlobene kakhulu nendlela ocabanga ngayo. uJesu waphila ngokuphana, futhi ukumema ukuba ulandele ukuhola Kwakhe. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokunikeza izinyathelo ezilula zokuphila ngokuphana.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/