Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 99 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

UDavide wadumisa ukwethembeka nothando lukaNkulunkulu phakathi nezinkinga.

Kusho ukuthini na?

Akuqiniseki kahle ukuthi uDavide walibhala nini leli hubo, kodwa izimo zakhe zicacile. Wayezungezwe izitha futhi ekude neJerusalema ezweni eligcwele onkulunkulu bamanga. Nokho naphakathi kwezinkinga, ukuphila kukaDavide ngokomoya akuzange kuphazamiseke. Uthando lukaNkulunkulu olungantengantengi esikhathini esinzima kangaka lwamnikeza amandla nesikhuthazo sokukhonza uNkulunkulu ngazo zonke izici zobuntu bakhe. Izimo zakhe azizange ziyiphazamise injongo kaNkulunkulu yokuphila kwakhe kodwa zazimnike isizathu esikhulu sokudumisa uNkulunkulu kaIsrayeli emakhosini angamaqaba. Izinkinga zikaDavide ezandayo zasebenzela ukukhulisa ukuqonda kwakhe ukwethembeka, isihe, ubungcwele, nothando lukaNkulunkulu.

Ngiphendule kanjani na?

Izinkinga zempilo zinzima; nokho, akufanele zikuthinte kabi. Uma kukhona, izithiyo obhekana nazo zikunikeza ithuba elikhulu lokuqonda isimo sikaNkulunkulu. Ngokwami, ukuzwa isandla sikaNkulunkulu empilweni yakho kuhluke kakhulu nokufunda nje ngomusa nesihe Sakhe noma ukulalela izindaba zabangani zokwethembeka Kwakhe. Isiphi isimo esikukhathazayo ozithola ukuso namuhla? Ingabe ukuvumele ukuthi kuphazamise ukukhonza kwakho noma ukuhamba neNkosi? Okudingayo ukushintsha ukubuka. Yeka ukubheka okubi futhi ubheke isandla sikaNkulunkulu esinothando, esithembekile.

Usuku 98Usuku 100

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org