Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 98 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

Ngesikhathi umhubi ekhala, abathumbi bakhe baseBabiloni bafuna ukuba acule ingoma yaseSiyoni.

Kusho ukuthini na?

Amazwi aleli hubo alotshwa ngenhliziyo ephukile ngesikhathi u-Israyeli esekuthunjweni. Kubalulekile ukukhumbula ukuthi uNkulunkulu wavumela abantu bakhe ukuba baxoshwe ezweni lakubo ngoba babenqabe kaningi ukuphenduka. Ngakho, ingabe umlobi wayelilangazelela iJerusalema ngenxa yokuthi laliwumuzi ongcwele lapho uNkulunkulu ayehlala khona noma ngenxa yokuthi wayephuthelwe ukuphila okuyisono ayephila lapho? Waphanyeka ihabhu lakhe futhi wenqaba ukucula ngaso leso sikhathi lapho izingoma zaseSiyoni zaziyomkhumbuza ukwethembeka kukaNkulunkulu, ziphendulele izinhliziyo zika-Israyeli kuJehova, futhi zafakaza kubathumbi babo abangamaqaba bakaNkulunkulu wabo uSomandla.

Ngiphendule kanjani?

Kulula kakhulu ukucula kanye neculo lokudumisa emsakazweni lapho isibusiso sikaNkulunkulu sibonakala empilweni yakho kunalapho ugajwe usizi noma intukuthelo. Ingabe kukhona okuntshontshe injabulo yakho? Ungalindi uze uzizwe ungcono - lalela umculo namuhla ozokukhumbuza ngothando nokwethembeka kukaNkulunkulu. Uma ikhono lakho lokudumisa iNkosi lisekelwe ezimweni zakho, khona-ke kunezikhathi lapho inhliziyo yakho iyobanda khona. Uma intokozo yakho igeleza ekwazini uKristu nokuphilela ukumthokozisa, awusoze ungabi nangoma enhliziyweni yakho (Izenzo 16:25). Uzoba yisikhuthazo kwamanye amakholwa kanye nobufakazi obunamandla kulabo abangaphandle kukaKristu.

Usuku 97Usuku 99

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org