Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 36 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

Umhubi wahlabelela ngokukhazimula nobukhosi benkosi nobuhle bomlobokazi wayo.

Kusho ukuthini na?

Leli hubo lichaza umshado wasebukhosini wenkosi enkulu nehlonipha uNkulunkulu. Nakuba singazi ngokuqondile ukuthi yalotshwa nini nokuthi ibhekisela kuyiphi inkosi, izincazelo zikhomba kuSolomoni noma kuHezekiya. Ngenxa yokuthi yayikuthanda ukulunga futhi izonda ububi, le nkosi yayizothandwa uNkulunkulu futhi ikhunjulwe ngabantu. Kodwa okukhulu nakakhulu, ukubusa kwakhe kwakuhlangene nokukaJesu uqobo ngomlobi wamaHeberu, owacaphuna amavesi alelihubo mayelana nokuphakama kukaKristu (KumaHebheru 1:8-9). UJohane wasebenzisa lesi siqephu sikaMesiya kusAmbulo ukuchaza ukuza kukaKristu ebandleni Lakhe. Njengomlobokazi embathe izembatho zokuthabisa umkhwenyana wakhe, nebandla kufuze lembeswe ukulunga mhla iNkosi uJesu izele umlobokazi wayo (IsAmbulo 19:6-8)

Ngiphendule kanjani na?

Ibandla likaJesu Kristu lakhiwe yibo bonke abantu ezikhathini zonke ababeke ukholo lwabo Kuye ukuze basindiswe ezonweni zabo. Kithina esiphilayo futhi esimlandelayo namuhla, lezi izinsuku zokulungiselela njengomlobokazi kaKristu. Isimo sebandla lilonke sincike ebandleni ngalinye lendawo, nalo elincike ezimpilweni ezilalelayo zamalungu alo ngamanye. Uma uJesu ebuya namuhla, ubungagqokiswa amanikiniki noma ukulunga Kwakhe? Usiza kanjani ngenkuthalo ukulungisa ibandla langakini njengomlobokazi kaKristu wasebukhosini? Zimisele ukungamoshi nosuku olulodwa lokuzilungiselela njengoba silindele ukubuya Kwakhe.

Usuku 35Usuku 37

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org