Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 39 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

Umhubi wachaza iqiniso lokuthi akekho ongagcina ingcebo ngemva kokufa.

Ngabe kusho ukuthini na?

Umbhali walelihubo uphakamise imfumbe yomculo ephonsela inselelo abacebile nabampofu ukuthi bazindle ngeqiniso lokuthi abantu abakwazi ukuthenga indlela yabo yokuphuma ekufeni noma eya eZulwini. Izicebi azikho ngcono ngemva kokufa ngenxa yengcebo yazo kulokhu kuphila. Umbuzo awuphakamisa ngaleso sikhathi ngothi kungani umuntu kufanele esabe izikhathi ezinzima noma abantu abaqongelela ingcebo ngokuphanga nokuqola abanye. Umuntu oye wachuma kodwa engenakho ukuqonda okungokomoya uyoma phambi kweNkosi engenalutho. Ngokuphambene, umuntu onolwazi lomuntu siqu ngoNkulunkulu unengcebo yokomoya ehlala ngale kwezinselelo zalokhu kuphila.

Ngiphendule kanjani na?

IBhayibheli alisho ukuthi ukuba nemali akulungile. Amakholwa azo zonke izizukulwane asebenzise ingcebo yomuntu ngenxa kaKristu. Inkinga isekuthambekeni kwethu kokuthembela emalini kunokuncika kuNkulunkulu. Inani lemali e-akhawuntini yakho yasebhange akufanele libe yinto ekhathazayo kunomcabango wokuqothuka ngokomoya lapho umi phambi kweNkosi. Ingabe ugxile kakhulu ekukhuliseni ingcebo kulomhlaba noma ukuqongelela ingcebo kuze kube phakade (NgokukaMathewu 6:19-34)? Uma uNkulunkulu ekubusisile ngokwezimali, uzozitshala kanjani lezo zinsiza emsebenzini kaNkulunkulu kuleli viki? Kungakhathaliseki isimo sakho sezezimali, khetha ukubeka ukholo lwakho nokulondeka kuNkulunkulu, hhayi kulokho Yena akuhlinzekayo.

Usuku 38Usuku 40

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org