Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 29 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

Omubi akamesabi uNkulunkulu, futhi akasizondi isono sakhe noma alahle okubi. Uthando lukaNkulunkulu olungapheli luyisiphephelo kwabaqotho ngenhliziyo abamaziyo.

Kusho ukuthini na?

Isiqephu sanamuhla siqhathanisa nalabo abamaziyo uNkulunkulu nalabo abamenqabayo. Umuntu ochazwa “njengomubi” uyasamukela ngokuziqhenya isimo sakhe sobuntu. Njengoba engamazi uNkulunkulu noma imithetho Yakhe, okuwukuphela kwezindinganiso zokuziphatha imicabango nezifiso zakhe, eziyisono. Kalula nje - akukho okulungile noma okungalungile ekucabangeni kwakhe. Ngokuphambene, uDavide uchaza omunye umuntu ‘njengoqotho ngenhliziyo,’ omicabango nezenzo zakhe kungaphansi kwegunya likaNkulunkulu. Lo muntu wamukela isimo sikaNkulunkulu, abambelele othandweni Lwakhe kanye nokwethembeka kwakhe ngenxa yobukhona bakhe.

Ngiphendule kanjani na?

Umbono wakho ngoNkulunkulu yiwona onquma indlela ocabanga futhi wenze ngayo. Cabanga ukuthi indlela osabela ngayo ezenzakalweni zosuku ingase yehluke kanjani ukube imicabango yakho yokuqala ibingesimo sikaNkulunkulu esingaguquki. Ingabe woniwe? Khona-ke khumbula ukuthi uNkulunkulu uyokwenza ubulungiswa. Buka ukudumazeka kwakamuva ngolwazi lokuthi Uthembekile njalo, ngisho nalapho singakakuboni. Uma uke wazabalaza nomkhuba wesono - bheka othandweni Lwakhe olungapheli ukuze uthole intethelelo. Nokho, uma ukhetha ukwenqaba igunya likaNkulunkulu phezu komcabango nesenzo ngasinye, ulahlekelwa ukulondeka kanye nokuhlinzekwa akunikezayo. Uzokwamukelani namuhla - isimo sakho sesono noma iNkosi elungile?

Usuku 28Usuku 30

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org