Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe. Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho. Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo. Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi. Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya. Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo. Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli; nesandla somubi masingangixoshi. Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.
Funda AmaHubo 36
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 36:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo