AmaHubo 36:1-12
AmaHubo 36:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe. Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho. Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo. Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi. Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya. Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo. Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli; nesandla somubi masingangixoshi. Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.
AmaHubo 36:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Isiphambeko sithi komubi, ekujuleni kwenhliziyo yaso: “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.” Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamyenga, ukuze kungafunyanwa okumenza azondwe. Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle. Ulele ecansini, uceba ububi, uzimisele ngendlela engalungile, akakwenyanyi okubi. Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini, ukwethembeka kwakho kufika emafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo. Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho. Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho. Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe, ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho. Mawuqhubeke njalo umusa wakho kulabo abakwaziyo, nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo. Unyawo lozidlayo lungifihlize, noma isandla somubi singixoshe. Bheka, abenzi bobubi bawile, baqunjwe phansi, abaseyukuvuka.
AmaHubo 36:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide, inceku kaJehova. Isiphambeko somubi sithi enhliziyweni yami: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe. Ngokuba uyazithopha emehlweni akhe, kuze kutholakale ububi bakhe buyizondo. Amazwi omlomo wakhe angububi nenkohliso; wayeka ukuhlakanipha nokwenza okuhle. Uceba okubi embhedeni wakhe; uzimisa endleleni engeyinhle; akakuzondi okubi. Umusa wakho, Jehova, usezulwini; nokuthembeka kwakho kufinyelela emafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane. Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho. Bayakusuthiswa ngamanoni endlu yakho; futhi kumelwe ubaphuzise emfuleni wenjabulo yakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya. Qhubekela phambili umusa wakho kulabo obaziyo; nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo. Unyawo oluzidlayo malungangifikeli, isandla somubi singangisusi. Kwawa abenzi bokubi; baphonswe phansi futhi ngeke bakwazi ukusukuma.