Amandla Ethemba: Izinsuku Ezingu-7 Zokuthembela ENkosiniIsampula

The Power of Hope: 7 Days to Hoping in the Lord

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Uthando, Ithemba, Injabulo, Nokuthula | uPawulu

Impilo yomKristu kufanele ibonakale ngothando, ithemba, injabulo, nokuthula. Lokho kwenzeka njengoba sihamba eduze noJesu, njengoba uMoya oNgcwele esenza sifane noJesu, futhi njengoba samukela ithemba, injabulo, nokuthula uNkulunkulu akunikezayo. 

Okokuqala, ngokusibusisa ngothando Lwakhe olunamandla nolungenamibandela, sithola kuNkulunkulu ithemba, injabulo, nokuthula kungakhathaleki izimo, ubuhlungu benhliziyo, kanye nezinkathazo zokuphila. Isithembiso sengunaphakade Naye siphinde siqhubekisele phambili ithemba, injabulo, kanye nokuthula. 

Noma ngabe uPawulu wayekhonza noma ehlupheka ngenxa kaKristu (2 KwabaseKorinte 11:23–27)—futhi wakwenza kokubili—wayazi ithemba, injabulo, nokuthula. Nathi singakwazi, ngoba uNkulunkulu, uBaba wethu osezulwini, muhle, uhlakaniphe kakhulu futhi unamandla onke. Ngakho-ke  kwangathi singazinika isikhathi sokuba Naye usuku ngalunye ukuze “asigcwalise [us] ngenjabulo yonke nokuthula ekukholweni, ukuze [we] sivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.” 

Bonke abantu bakaNkulunkulu bathi, “Ameni!”

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

The Power of Hope: 7 Days to Hoping in the Lord

Izihloko zezindaba zomhlaba nemizabalazo yomuntu siqu zingakushiya ukhathele futhi ukhathazekile, kodwa akukho okusha kuNkulunkulu. Abantu bangezikhathi zeBhayibheli babevamise ukuzizwa ngendlela efanayo. Lolu hlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kumbhali othengisa kakhulu uJack Countryman lugxile ezindleleni eziyisikhombisa uNkulunkulu anikeza ngazo ithemba elifanayo kubantwana Bakhe namuhla alinikeze izikhathi ezingenakubalwa kumaqhawe eBhayibheli.

More

Sithanda ukubonga uHarperCollins/Zondervan/Thomas Nelson ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thomasnelson.com/p/the-power-of-hope/?utm_source=youversion&utm_medium=reading+plan&utm_campaign=power_of_hope