Indlela EngconoIsampula
Uzwelo Olungapheli
Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa ndikindiki ngezidingo zabanye, noma sengathi awunawo amandla okukhathalela zonke izindaba ezimbi ozizwayo?
Ngokuxhumana kwethu njalo nezindaba, akumangalisi ukuthi amazinga ethu omzwela ayehla. Kodwa konke lokhu kunganaki kusenza sizizwe singelutho.
Kufanele kube nendlela engcono yokuphila.
Ivesi lokugcina la-1 KwabaseKorinte 12 liyasiza ukusikhanyisela:
… Kodwa manje ake ngikubonise indlela yokuphila engcono kunazo zonke. 1 KwabaseKorinte 12:31
Ngokushesha ngemva kwalowo mugqa, uPawulu uqhubeka nalokho okwaziwa ngokuthi isahluko sothando seBhayibheli. Ifundwa emishadweni, futhi sivame ukuyibona ihlanganiswe ezifungweni zabantu njengoba bechaza uhlobo lothando abangathanda ukuba nalo.
Kodwa iqala ngalolu bizo olumangalisayo lothando nobubele:
Uma ngikwazi ukukhuluma zonke izilimi zomhlaba nezezingelosi, kodwa ngingathandi abanye, bengiyoba insimbi enomsindo noma isimbali esikhencezayo. 1 KwabaseKorinte 13:1
Ngaphandle kothando, asilutho. Yingakho impendulo kaJesu embuzweni wemithetho emibili emikhulu yayiwukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina.
Ngemva kwaleyo mpendulo, uJesu waqhubeka wabalandisa indaba ebonisa lolo thando nozwelo ukuthi kusibiza ukuba sikwenze. Sikubiza ngokuthi Umfanekiso womSamariya Olungileyo, futhi endabeni, sibona indoda elimele eceleni komgwaqo. Kudlula umpristi, nomsizi wethempeli.
Nokho, umSamariya odelelekile ubonisa ububele kule ndoda. Ulungisa amanxeba akhe, amyise endlini yezihambi, futhi athembise ukukhokhela noma yini ayikweletayo. Ububele bakhe bumholela esenzweni nasekuzideleni.
Okujabulisayo yilokho umSamariya anga kwenzi. Akabuzi imibuzo noma enze iziphetho. Kunalokho uqala ngokukhombisa uzwelo. Akabonanga indoda ilele eceleni komgwaqo futhi wazibuza, “Awu, wenzeni ukuze afanelwe yilokhu na?” Akamlahli. Uyamnakekela.
Sibona lokhu kuziphatha okufaniswe nguJesu kuJohane 8, lapho abaholi benkolo bebuza umbono kaJesu ngokuthi kufanele kwenziweni kowesifazane obanjwe ephinga. Umthetho wawuthi makakhandwe ngamatshe, kodwa uJesu wabona ithuba lokumthanda.
Wathi noma ubani ongenasono aphonse itshe lokuqala, kuze kube nguyena yedwa ongazange one. Wabe esehlangana naye iso ngeso hhayi ngokuqiniseka kodwa ngesimemo sokushiya impilo yakhe yesono futhi ashisekele indlela yaKhe engcono.
Sibizelwe ukuthi siphile nalolo hlobo lozwelo olufanayo. Akuwona umsebenzi wethu ukulahla icala. Kunalokho, sibizelwa ukuxhumana.
Thandaza: Nkulunkulu, ngiyabona ukuthi bengilokhu ngindikindiki ngenxa yobuhlungu babanye. Ngisize ngenqabe lokho kududuza futhi esikhundleni salokho ngikhethe ububele. Phula inhliziyo yami ngezinto eziphula eyakho, futhi ungibonise ukuthi ngingaxhumana kanjani nabanye ngendlela Owenza ngayo. Egameni likaJesu, ameni.
Yenza: Cabanga ngendlela eyodwa ongabonisa ngayo ukuzwela komunye umuntu namuhla. Bese, uhamba ukwenze.
Mayelana naloluHlelo
Ingabe uke uzizwe sengathi wenza zonke izinto ezifanele ngayo yonke imiphumela engalungile? Mhlawumbe uzama ukuxhumana noNkulunkulu, kodwa uzizwa uqhelelene Naye kunangaphambili. Uma usonqenqemeni lokutubeka, lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo yoMfundisi uCraig Groesschel, lungolwakho. Sekuyisikhathi sokuyeka ukusebenzela uJesu futhi uqale ukuhamba endleleni kaJesu.
More