Indlela EngconoIsampula

A Better Way

USUKU 2 KWEZINGU- 7

Izigqi Zomusa Ezingajahisiwe

Ingabe ijubane lempilo yakho likuphuca ukuthula? Cabanga ngeviki elidlule. Ubujahe kangaki—ugijima usuka entweni uye kwenye, ungakwazi ukuba khona kubantu abaseduze nawe? Kukangaki uthi, “Ngenza kahle, ngimatasatasa,” lapho abantu bebuza ukuthi uqhuba kanjani?

Ijubane lethu elisheshayo alisoze laveza inhliziyo yokuthula, ngakho-ke sihlala sibambekile emjikelezweni wokuba matasa, ukucindezeleka, kanye nokukhungatheka. Kodwa uJesu weza ukuzonikela ngendlela engcono. 

Manje, ake sicacise: Indlela kaJesu ayilula, kodwa ayimatasatasa—bheka nje ukuphila Kwakhe. 

Inkonzo kaJesu kubantu ayizange iqale waze waba neminyaka engu-30. Futhi ngokwezindinganiso zethu eziningi, singasho ukuthi yaqala kancane. Into yokuqala uJesu ayenzayo ukubhabhadiswa, futhi ngaphambi kokuba enze isimangaliso esisodwa, uthola lesi sikhuthazo kuYise:

 … “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngaye.” NgokukaMathewu 3:17

Futhi ngemva kwalowo mzuzu omangalisayo, akukabi isikhathi sesimangaliso. Ngokulandelayo ukuhambo lukaJesu kwaba izinsuku ezingu-40 ehlane. 

Umsebenzi wakhe wawuphuthuma, kodwa indlela Yakhe yayinesineke. Futhi ngemva kokuba uJesu eqale ukwenza izimangaliso nokufundisa izixuku, wayezinika isikhathi sokuhoxa nokuphumula. Bheka NgokukaLuka 5: 

Nokho izindaba ngaye zanda kakhulu, kangangokuthi izixuku zeza zizomuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo. Kodwa uJesu wayevame ukuya ezindaweni ezingenabantu eyokhuleka. NgokukaLuka 5:15-16

Uma uJesu—iNdodana kaNkulunkulu—ayazi ukuthi wayedinga isikhathi noYise, thina sisidinga kangakanani? 

Thina—njengoJesu—kudingeka sihlakulele umkhuba wokunikeza uNkulunkulu okungcono kakhulu kwethu kuyilapho simethemba ngokuphumula. UJesu ukhipha lesi simemo kuMathewu 11:28: 

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza." 

Asidalelwenga ukuba sibe matasa futhi sithwale kanzima. Ngakho kumele sikhethe. 

Singaqhubeka nokusebenzisa ukuba matasa kwethu njengomthombo wokuzibona sibalulekile, okuholela ekuphileni okugcwele ukucindezeleka nokuzikhandla. Noma singabheka ukuba matasa kwethu njengesimemo sokwamukela isipho sikaNkulunkulu sokuphumula ngokuletha izinkathazo zethu kuYe. 

Akudingeki ukuthi ufakazele okuthile kuMdali Wakho. Akudingekile ukuthi uthole imvume Yakhe noma ulwele ukunaka Kwakhe. 

Isikhathi sokumnikeza ukuphuthuma kwethu futhi samukele indlela yomusa.

Thandaza: Nkulunkulu, ngiyabona ukuthi bengisebenza ngendlela engafanele. Bengilokhu ngicindezelekile futhi ngikhathazekile, kodwa ngifuna ukwamukela indlela Yakho engcono yokuphila. Ngisize ngamukele ngokugcwele futhi ngemukele isipho Sakho sokuphumula, futhi ungibonise ukuthi ngingaphila kanjani ngaphandle kokuxhamazela, ukuba matasa, nokuzabalaza. Ngiyakwethemba. Egama likaJesu, ameni. 

Zijwayeze: Zibophezele ekusebenziseni imizuzu emihlanu nsuku zonke ngokuthula nangokunganyakazi, ulalele lokho uNkulunkulu angase akusho kuwe. 

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

A Better Way

Ingabe uke uzizwe sengathi wenza zonke izinto ezifanele ngayo yonke imiphumela engalungile? Mhlawumbe uzama ukuxhumana noNkulunkulu, kodwa uzizwa uqhelelene Naye kunangaphambili. Uma usonqenqemeni lokutubeka, lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo yoMfundisi uCraig Groesschel, lungolwakho. Sekuyisikhathi sokuyeka ukusebenzela uJesu futhi uqale ukuhamba endleleni kaJesu.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.life.church/