Ngizinikele ngokugcwele: IsingenisoIsampula
Iqala Kuphi Indaba?
Ivesi Lenkumbulo
“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane. Njengalokhu nginithandile, nani kufanele nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” NgokukaJohane 13:34-35 NIV
Namuhla, zinike isikhathi sokubuka le vidiyo, ubuyekeze ivesi lenkumbulo, futhi uqhubeke nganoma yiziphi izinsuku okungenzeka ukuthi uzigejile. Ungaphinda uvakashele noma yiziphi izinsuku lapho ubufuna ukujula khona. Uma uye wasalela emuva, yenza konke okusemandleni akho ukuze ubuyele endleleni efanele—futhi ukhumbule ukuthi uNkulunkulu ugcwele umusa ngawe.
Ufinyelele ekupheleni kwengxenye yokuqala yalolu hambo, kodwa kukhona okwengeziwe! Qhubeka nge ngxenye 2, Ukuzinikela Ngokugcwele: Indalo ku www.go2.lc/fullydevoted
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Uyafuna ukukhula ebuhlotsheni bakho noNkulunkulu, uqonde iBhayibheli kangcono, futhi ufunde ukuthi ungamlandela kanjani uJesu ngokwethembeka emhlabeni wethu namuhla? Ngendaba yeBhayibheli njengesiqondiso sethu, masithole amaqiniso futhi sithuthukise amakhono azosisiza sibe abalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. lolu hlelo luyiNgxenye 1 yohambo oluyizingxenye ezingu-9.
More