Ngizinikele ngokugcwele: IsingenisoIsampula

Fully Devoted: An Introduction

USUKU 1 KWEZINGU- 14

Ukuzinikela Ngokugcwele

Ivesi Lenkumbulo

“ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’ Elesibili yileli: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Awukho umyalo omkhulu kunale.” NgokukaMarku 12:30-31 NIV

Siyakwamukela engxenyeni yokuqala yalolu hambo! Okwanamuhla, zinike isikhathi sokubuka ividiyo enikeziwe ukuze ikulungiselele okuzayo. Ngaphezu kwalokho, mema abanye abantu ukuthi bahambe nawe kulolu hambo. 

Zonke izinsuku zalolu Hlelo zizoba nokuqukethwe kokuthandaza,  imibuzo yejenali, nokufundwa kweBhayibheli. Uzoba nevesi lenkumbulo elisha isonto ngalinye. Qiniseka ukuthi uyifunda nsuku zonke ukuze ikusize uyibambe ngekhanda.

Futhi uma wenza lolu hlelo nabanye, sikubekela inselele yokuthi uzinike isikhathi isonto ngalinye ukuze uhlangane futhi ukhulume ngalokho okufundayo. Ungahambi wedwa kulolu hambo lokuba umlandeli kaKristu ozinikele ngokugcwele.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Fully Devoted: An Introduction

Uyafuna ukukhula ebuhlotsheni bakho noNkulunkulu, uqonde iBhayibheli kangcono, futhi ufunde ukuthi ungamlandela kanjani uJesu ngokwethembeka emhlabeni wethu namuhla? Ngendaba yeBhayibheli njengesiqondiso sethu, masithole amaqiniso futhi sithuthukise amakhono azosisiza sibe abalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. lolu hlelo luyiNgxenye 1 yohambo oluyizingxenye ezingu-9.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.life.church/ kanye ne- www.go2.lc/fullydevoted

Izinhlelo zohlobo olufanayo