Umhloli WeBhayibheli Lentsha (AmaHubo - Ingxenye 1)Isampula

Wina kodwa Ungaphonswa Phansi
AmaHubo 37:24
Noma ewa, akayikuphonswa phansi.
Cabanga lokhu. Ngobunye ubusuku obuhle, wena nabazali bakho benizihambela kusihlwa eduze kwendlu yenu. Uthe usahamba awubonanga itshe elincane phambi kwakho wakhubeka wawa. Abazali bakho bakubona, futhi ngokushesha bakusiza ukuba uvuke ume ngezinyawo futhi bakubambe ngezandla zabo ukuze uqhubeke uhamba.
Ngokunjalo uNkulunkulu uyakusekela ngesandla sakhe esinamandla. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, uphephile. Ungakhubeka noma uwe ngenxa yezinkinga noma izinselelo obhekene nazo kodwa isandla sikaNkulunkulu siyakubamba sikuqinise ukuze ungaphonswa phansi ngokuphelele phakathi kwesimo sakho. Uyokusekela ukuze uthole ukulinganisela namandla akho futhi uqhubeke uhamba.
Zonke izinyathelo empilweni yakho ziklanywe futhi ziqondiswa uNkulunkulu. Uyena ophethe imininingwane yempilo yakho. Noma uzizwa sengathi uyawa, ngicela ukukhumbule lokhu, uNkulunkulu akakushiyi. Ngakho, sukuma uhambe noNkulunkulu!
Umthandazo
Nkulunkulu othandekayo, ngiyabonga ngezandla zakho ezinamandla ezingisekela njalo. Ameni.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Lolu hlelo luzoqondisa abafundi abasha ngeBhayibheli nsuku zonke. Ukuqonda okusha kuzovezwa ngokuzinikela okufingqiwe nokunobungani nezingane. Izingane zizoqonda ukuthi zonke izingxenye zeBhayibheli zinenjongo futhi zibalulekile ekuphileni kwazo. Ekugcineni, lokhu kuzinikela kuzobaqondisa ukuba baphile ngendlela kaNkulunkulu nsuku zonke.
More