Umthelela WenjabuloIsampula

A Jolt of Joy

USUKU 3 KWEZINGU- 31

Lapho wamukela uJesu enhliziyweni yakho njengeNkosi noMsindisi, izwe elisha lonke lenjabulo owawungakaze ube nayo ngaphambilini likuvulekele! UNkulunkulu wayazi ukuthi ukuphila emhlabeni kwakungeke kuphelele kodwa sasiyobhekana izinhlungu, usizi nokudumala phakathi nokuphila kwethu lapha. Ukulwa nalezo zinsuku zobuhlungu obunzima, Wasinika isipho senjabulo ukuze asiphakamise ngaphezu kwezimo zokuphila emhlabeni! Injabulo iwukunambitha kwezulu okunikelwa kulabo abamaziyo uJesu njengeNkosi noMsindisi wabo. Injabulo iwukukwazi ukuzwa ebuntwini bethu izibusiso iNkosi ezithokozelayo ebunkulunkulwini Bayo.

Injabulo iwumkhiqizo oqinile, okhomba ngomphumela wobudlelwano obuseduze neNkosi yawo wonke amaKhosi.

Lapho wenza isinqumo ngamabomu sokuba umngani noJesu futhi uzinikele eBukhosini negunya Lakhe, wenza isinqumo sokuthola injabulo empilweni yakho. Injabulo ayincikile eholweni lakho, impilo yobudlelwano bakho noma ikheli lakho lomgwaqo kodwa incike ekukhetheni kwakho YENA kubo bonke ubunzima bempilo. Lapho ukhetha ukunikela impilo yakho kuJesu Kristu, injabulo ikhetha wena!

UmBhalo

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

A Jolt of Joy

Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.

More

Sithanda ukubonga U-Carol McLeod ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com