Umthelela WenjabuloIsampula

A Jolt of Joy

USUKU 7 KWEZINGU- 31

Injabulo ayiyona impendulo yemvelo empilweni kodwa iwukusabela okungaphezu kwemvelo empilweni. Yingakho kuyisithelo sikaMoya hhayi sobuntu bakho. Injabulo ayikona ukuxebuka kwamadolo esimweni sakho kodwa imzuzu eyisimangaliso ezweni elimnyama nelifayo lapho ubukhona bakhe bubonakaliswa empilweni yakho. Injabulo oyitholayo futhi oyikhombisayo isuka ebudlelwaneni Naye.

Awudalelwenga ukudangala noma ukukhombisa umoya wokugxeka; awudalelwanga inhlebo noma ukudabuka. Awenziwanga ukuthi unikeze umyeni wakho ukuthula, ukudala ukungezwani ebandleni noma ukuthethisa izingane zakho. Wenzelwe injabulo!

Bekungenzekani uma kunokuba ngifake igesi ethangini lemoto yami nginqume ukonga imadlana futhi ngigcwalise ithangi likaphethiloli ngesihlabathi? Ngeke nje ngifinyelele lapho ngiya khona kodwa futhi ngangiyomosha nemoto! Lesi futhi isithombe esidabukisayo kakhulu salokho okwenzekayo lapho amaKristu ezama ukuphila ngokudangala, intukuthelo noma ubuhlungu. Awusoze wafinyelela lapho uya khona empilweni.

Wawuklanyelwe ukuba umKristu othela izithelo! Awusoze wathela isithelo owawudalelwe ukusithela ngaphandle kokuthi uchithe isikhathi noJesu. Nsuku zonke ... usuku lonke vele ungene emanzini kokuthi Ungubani Nakho konke anakho ngawe. Vundisa impilo yakho ngeZwi likaNkulunkulu, ngokukhonza nangomthandazo. Izinga uJesu athatha ngalo lonke uhlobo lwakho liyizinga oyoveza ngalo injabulo!
Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

A Jolt of Joy

Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.

More

Sithanda ukubonga U-Carol McLeod ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com