Umthelela WenjabuloIsampula

A Jolt of Joy

USUKU 6 KWEZINGU- 31

Uma unenjabulo empilweni yakho, kuzokwandisa ubufakazi bakho! Lapho injabulo ibuyiselwa empilweni yakho, uyoba namandla okwenza umehluko phakathi nezinsuku zokuhamba kwakho kulo mhlaba. Izoni ziyakulalela ngoba uyajabula. Abephula umthetho bayoba nesithakazelo kulokho okushoyo lapho ubonisa injabulo elethwa insindiso kuphela.

Akukhona yini lokho sonke esikufunayo? Sonke sifuna ukwenza umehluko phakathi nesikhathi sokuphila kwethu. Sifuna ukuphila kwethu kuballewe okungaphezu nje kokuthola uphawu emathuneni ethu. Sifuna ukushiya ifa lezimpilo ezishintshile ngoba zedlule endleleni yethu. Injabulo izokwenza ukwazi ukwenza umehluko empilweni yomunye umuntu.

Injabulo izoqinisa ubufakazi bakho futhi uzoba namandla okushintsha impilo yomunye umuntu. Uma ubucabanga ukuthi injabulo yasungulwa ukuze nje uzizwe ungcono udinga ukushintsha ukucabanga kwakho! Unkulunkulu udinga isizukulwane sabantu abagcwele injabulo abazimisele ukuba nethonya elikhulu ezweni esiphila kulo. Ngiphakathi ... wena?!
Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

A Jolt of Joy

Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.

More

Sithanda ukubonga U-Carol McLeod ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com