Ukukhuluma ukuphilaIsampula

Speaking Life

USUKU 6 KWEZINGU- 6

Imithombo YezokuXhumana, phecelezi, Social Media 

Angikwazanga ukuvala lolu hlelo lwe-SPEAK LIFE Bible ngaphandle kokuphawula ngomhlaba weSocial Media esihlala kuwo. Ngaphandle kokungabaza, imithombo yezokuxhumana iyithonya ELIKHULU emicabangweni yethu, ngakho-ke, ezingqondweni zethu. Lo ngumthombo obusa kakhulu. Ngabe ubucabangile ubungako obuhle, obunikeza impilo bezinkundla zokuxhumana uqhathanisa nogibe olubi nolonakalisayo olujwayele ukuba yilo? 

Abantu abaningi kulezi zinsuku bahlushwa ukukhathazeka nokudangala. Ngikholwa ukuthi kubangelwa kakhulu ukufaka okungekuhle kanye nesikhathi esincane sokunikeza impilo emvelweni noma iZwi likaNkulunkulu. Noma ngabe i-TV yakho, i-akhawunti ye-FB, i-akhawunti ye-Twitter noma i-akhawunti ye-Instagram, udinga ukubheka isikhathi sakho osichitha ufunda kulama akhawuthi. Abaningi bethu bangamangala uma befunda inani lamahora esiwachitha ngokweqiniso sibuka esikrinini. Ungangizwa kabi. Ngiyakholelwa ukuthi kunezithombe kanye namavideo anikeza impilo athunyelwayo kuzo lezinkundla. Kepha, kuze kube manje, sigcwalisa izingqondo zethu ngodoti omningi, ukuzidumisa, nokuzibandakanya ngokufaka okuningi okungalungile. Abaningi bethu abazi ukuthi ukudangala isikhathi esisihlala kulezinkundla zokuxhumana sinomthelela ekudangaleni kwethu. Iningi lethu alicabangi ukuthi esikufaka ezinqondweni kunomthelela kokuzophuma. Akudingeki sikhathazeke ngemibono yomunye umuntu, kodwa ekaNkulunkulu kuphela.

Lo mhlaba, izindaba nezimo zethu kungasenza sizizwe sengathi sihamba ehlane noma ogwadule olomile. Imiphefumulo yethu yomele impilo futhi kufanele yondliwe ngokudla okunika impilo. Izwi Lakhe. Indalo Yakhe. Ubudlelwano bakhe. Ngabe uzizwa ucindezelekile ngokuhamba ibanga elide ehlane noma ogwadule olomile lwezokuxhumana kanye nesikhathi sesikrini? Woza emanzini aphilayo umvumele anelise umphefumulo wakho. Vala lezo zikrini bese uvula iZwi likaNkulunkulu. Mcele ukuthi ahlangane nawe futhi enze iZwi Lakhe liphile. Bese uphumela ngaphandle. Hambahamba ngaphandle. Ndiza ikhayithi. Funda incwadi enhle. Hlangana nomngani onikeza impilo.

Ngingakuphonsela inselelo yokuthi uthathe isabatha usuke ezinkundleni zokuxhumana? Thandaza ngokuthi uzokwenza nini lokhu bese unquma isikhathi sokukwenza. Kungafaniswa nokuzila ukudla. Ngemuva kwalokho, uma uzwa ukuthi isabatha belibalulekile, zibophezele ekunciphiseni isikhathi osihlala ezinkundleni zokuxhumana. Cabanga kuphela ngokuthumela okuvuselelayo noma okugxile kuKristu. Njengoba kunokuhlukana okuningi ezweni lethu, thatha isinqumo sokuthi uzoletha okuthile okuzokwakha, kukhuthaze futhi kukhulume impilo emhlabeni olimele. 

Impilo ingaba lula kakhulu futhi ingabi nengcindezi. Singaba nethemba elingaphezulu kakhulu. Sidinga ukunquma ukusebenzisa isikhathi sethu nomuntu obalulekile kunokusebenzisa isikhathi sethu esikrinini sifunda ngezinto ezingasho lutho! 

Uma ufuna ukuphila impilo, khulma ukuphila, bese unikeza impilo ngokugcwele, uphinde ubheke ukuthi yini oyifakayo enqondweni ezinsukwini zakho. Shintsha okufakayo, shintsha okuphumayo. Izinsuku zethu ziyadlula. Qala MANJE.

Cabanga:  Ungenza luphi ushintsho ukunciphisa isikhathi osichitha ezinkundleni zokuxhumana? Yiziphi ezinye izintoezinomphumela omuhle ongazenza ngesikhathi onaso?

Umkhuleko:   O Nkosi! Ngisize ukunciphisa isikhathi sami sesikrini futhi nginyuse isikhathi sami nawe. Ngifuna ukuphila ngesibindi futhi ngikhulume impilo ezinhliziyweni zabanye. Ngiyazi ukuthi kuqala ngami.

__________________________________________________________________

Inothi Lokuphela: Intshisekelo kaRoxanne ukukhuluma ngamaqiniso anika impilo ezinhliziyweni zabanye. Uthanda ukukhuluma ezindaweni zokuphumula nasemihlanganweni. Uba nemihlangano yakhe yokufundisana ejulile futhi usebenza namakhasimende ezweni lonke njengomqeqeshi wempilo. Ungaxhumana naye futhi uthole eminye imininingwane ku RoxanneParks.com. Angakujabulela ukuxhimana nawe

.

Mayelana naloluHlelo

Speaking Life

Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu.

More

Sithanda ukubonga Roxanne Parks ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.roxanneparks.com/home.html