Ukukhuluma ukuphilaIsampula
![Speaking Life](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22741%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Ukuzikhulumela
Izwi elikhuluma kakhulu esilizwayo ngelethu. Izwi elingaphakathi kithi…likhulumisana nathi. Buthule, kepha linamandla. Ukuzikhulumisa yinto yangempela esivumelana nagayo. Ukuzikhulumisa sikwenza ngokwendalo ngawo wonke amahora sivukile. Kuyindlela yohlelo olusenza sikwazi ukwenza likhu esikufayo(noma esikucabangayo sikuphokophele). Ngenxa yokuzphindaphinda, kunamndla okubumba nokubaza kahle unembeza wethu.
Isitha sethu ngumbhubhisi. Uthanda ukuletha amanga ngesikhathi siseyizingane bese eyasikholisa ukuthi lezizinkolelo ezingamanga ziyiqiniso lethu langempela. Into kuphela eyiqiniso ngathi yilokhu uNkulunkulu, uMeluki, uMazi, uMklami, uMdali, akushoyo ngathi. Singakwazi ukwahlikanisa lamazwi? Elinye liza nokuphila kanti elinye liza nokufa, kuvame ukuba ukufa kancane kancane okuwumthwalo.
Sixoxile ukuthi imicabango yethu ikhipha ngokubhamuza amazwi ethu. Bese sizizwa siphimisela ngaphandle ngathi. Esikukhulumile kuba ngokoqobo lwethu. Uma sicabanga/sisho siyiziwula, izilima noma sikhuluphele kungenzeka sigcine sesiziphatha njengokukhuluma kwethu. Kunjani uma singavumelana noMdali wethu bese sizibize ngabenziwe besabeka futhi bemangalisa? Umsebenzi wobuciko? Indodakazi yeNkosi? Singaphila ngokuhlukile? Uma sicabannga ngokwahlukile, siphila ngokwahlukile. Ukushintsha indlela ocabanga ngayo kushintsha umbono oshintsha okushoyo nendlela owenza ngayo ezweni.
Ukukhuluma ngokwakho okuhle: Abantu baya ngokuya baziukuthi ukukhuluma nawe okuhle yisikhali esinamandla sokunyusa ukuzethemba kanye nokuvimba imizwelo emibi. Kuyisu elimangalisayo loguquko. Amazwi amahle ayilungele impilo yethu njengoba esiza ukukhulisa ukuzethemba, enza imizwa yethu yeskhashana ibe ngcono, isusa isicindezi yenze ipboilo yenhliziyoyokuba kahle ibe ngcono. Abantu abangompetha ekukhulumeni ngokwabo okuhle baziwa njengabanokuzethemaba, abakhuthazelekile futhi bangakhiqiza. Unkulunkulu wasidalela ukuphila nokuphila okuchichimayo. Ngabe ukukhuluma ngokwakho kuyahambisana necebo naMazwi akhe kuy.
Ukukhuluma ngokwakho okubi: Sesiya ngokuya sazi ukuthi kunomgxeki wangaphakathi, umkhulumi ngokwethu omubi. Ukuzikhuluma okubi kungathonya ugqozi lwakho, umbono wakho kwimpilo, amazinga omfutho, ubudlelwano, kanye nempilo yakho. Ngokunaka ukukhuluma ngokwakho, singaqala inqubo efanele yokuphazamisa lesisijwayezi esibhbhisayo. Sekuyisikhathi sokuthulisa izwi elimbi emakhanda ethu sikhulume ukuphila neqiniso ezimpilweni zethu.
Ukukhuluma ngokwethu kunomthelela. Lalelisisa. Izikhathi eziningi senza kunokungenzi, siyakwenza njalo ukukhuluma kabi ngawe nakuwena ingangokuthi awuboni ngempela ukuthi uyakwenza lokhu. Ngingamangala uma ngalamahora angu angamashumi amabili nane alandelayo ungathatha isikhathi unakisise imicabango yakho bese uqaphela ukuthi ukukhuluma kanjani ngawe? Awuzinikele ukususa ukukhuluma ngokwakho okubi. Bese imicabango yakho kanye namagama ahambisane ngukugcwalisa ngeqiniso Lakhe(LikaNkulunkulu).
Zindla:
Yiyiphi indlela ongenza ukwenza ukukhuluma nawe kube yilokho okushiwo nguNkulunkulu ngawe? Unomusa kuwe? Uyazazi futhi uyakhuluma ubuwena kuKristu?
Umthandazo:
Nkosi ngisize ngikholwe ngukuthi ngiyilowo othi nginguye. Siza iZwi lakho kube yizwi elikhulu empilweni yami. Mangikhulume inhliziyo yakho enhlizweni yami.
Mayelana naloluHlelo
![Speaking Life](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22741%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu.
More