Ukukhuluma ukuphilaIsampula
![Speaking Life](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22741%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Cabanga kabanzi ngalokhu okucabangayo
Kunamandla anikeza impilo emicabangweni yethu. Imicabango yethu ibalulekile. Izaga 23:7 zithi, ""Ngoba, njengoba ecabanga enhliziyweni yakhe, naye unjalo."" Imicabango yethu ibalulekile, ngokuba ebuningini bemicabango yethu kuvela amazwi. Imicabango yenqondo kanye neyezinhliziyo zethu kuyasakha ngokoqobo. Ukucabanga kwethu kwakha amazwi ethu, amazwi akhe izenzo zethu. Esikushoyo kubalulekile kodwa esikucabangayo kubaluleke ngokwedlulele. Umbhalo usitshela ukuthi sicabange ngakho, futhi sigxile kokuncomekayo. Ngabe siyatshala futhi sikubeke phambili lokhu kulalela?
Ziningi izincwadi ezibhaliwe ezihlola ukuthi amagama ayindlela yokwedlulisa imicabango nemizwa yethu. Lokhu okubeka enqondweni kunomthelela kokucbangayo. Siqinisekile na uma sithi uma uzindla ngodoti kuphuma udoti? Uma kunjalo, imicabango yethu kufanele ithathelwe phezulu, ikakhulu njengoba ezempilo kanye nezenhlalakahle yempilo yethu zinanelwa yimicabango yethu. Isitha sethu sifuna izinqondo zethu zigcwaliswe ngawo wonke udoti nemicabango eyizeleze. Ake sicabange ngesikucabangayo.
I-Neuro Linguistic Programming ivuma ukuxhumana okuyisisekelo phakathi kobuchopho (neuro) nemicabango yethu, ulwimi lwethu, kanye nokuziphatha kwethu kwangaphakathi nangaphandle noma ukwenza kwethu. Lesi sikole somcabango sibheka ukusetshenziswa okusebenzayo kokuqwashisa ngemicabango njengoba kuhlobene nokuphila okunempilo.
Njengoba siyaye sikuthole esikufunayo, kufanele sikucabange kabanzi esikubukayo. Njengoba indaba iqhubeka… kwakukhona Inqe ne nyoni ebizwa nge hummingbird, zombili lezinyoni zazindizela phezu kogwadule olulodwa. Inqe yayifuna okubolile nokufile ukuze idle. Inqe yakuthola okubolile nokufile. Ngokuphambene, iHummingbird yona yayifuna ukuphila kumpe wembali. IHummingbird yakuthola ukuphila. Zombili lezinyoni zakuthola ebezikufuna. Qaphela ukuthi ufunani, lokhu ocabanga ngakho nalokho okuvumela ukuthi kungene enqgondweni yakho. Ngokuba enaleni yemicabango yakho kuvela amazwi akho.
U-2 KwabaseKorinte 10:5 usitshela ukuthi kufanele ""sidilize izingxabano nakho konke ukuzenzisa okumelana nolwazi ngoNkulunkulu, futhi sithathe yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu."" Kungenzeka uphile impilo yokwazi ngemicabango yethu futhi sikwazi ukuyithumba! UNkulunkulu usinike uMoya oNgcwele ukusinika amandla okwenza lokho. Ukuthumba imicabango yakho kusho ukuthola ukulawula okucabangayo ngawe nangempilo.
Lapho sigxila kuzo zonke izibusiso zethu, isimilo sikaNkulunkulu noBaba wethu onothando, nabo bonke ubuhle baKhe obubonwa endalweni, khona-ke siphila ngalawo maqiniso ahleliyo. Kepha, uma sicabanga ngalokho esingenakho nalokho okungahambi kahle emhlabeni wethu, singalwa nokucindezeleka nokukhathazeka. Kunenkundla yempi enqondweni yakho. Impilo yakho izohlala njalo iqonde ohlangothini lwemicabango yakho enamandla. Ngakho hlomisa ingqondo nemicabango yakho ngeqiniso elinikeza impilo!
Zindla:
Hatha isikhathi sokubheka imicabango yakho usuku lonke. Ingabe inikeza ukuphila futhi inethemba? Ingabe ayinalo iqiniso? Yikuphi okufakayo enqondweni okusungula imicabango yakho nsuku zonke?
Umkhuleko:
Nkosi, ngisize ngiqaphele imicabango yami njengoba iholela emazwini ami. Ngifuna imicabango enikeza impilo iholele ulimi lwami emazwini anika impilo. Ngidinga iZwi lakho leQiniso ukuthi lihlale emicabangweni yami. Ngisize ngiyithumbe yonke imicabango engahambisani namaqiniso Akho.
Mayelana naloluHlelo
![Speaking Life](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22741%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu.
More