UTony Evans Uhlaziya Ukubuyisana KwezinhlangaIsampula

Tony Evans Explores Racial Reconciliation

USUKU 3 KWEZINGU- 3

Ukubuyisana ngoweBhayibheli

NgeSonto ekuseni kuvame ukuba yisikhathi esihlukaniswe kakhulu sesonto ngoba samukele isimo sengqondo sokubekezelelana. Inhloso yokubuyisana akukhona ukubekezelelana noma “ukubekezelela” olunye uhlanga. Ngeshwa, isonto lihlala lihlukanisiwe ngesikhathi esiningi ngoba sihlangana nezinye izinhlanga kuphela uma siphoqelekile. Okuningi esikubiza ngokuthi ukubuyisana kwezinhlanga phakathi kwemibuthano yamaKrestu kuyinto nje yezenhlalo ethelwe ngamanzi, ifafazwe ngoJesu kancane ngaphezulu ukuze sikubize ngokuthi okwaseBhayibhelini. Kepha ukuze sidilize izindonga ezihlukanisayo zobuhlanga ngaphakathi kwesonto, kufanele siqale ngenhloso engcono kunokubekezelelana, futhi leyo nhloso ukubuyisana ngokweBhayibheli. 

Ukubuyisana ngokweBhayibheli kungachazwa njengokukhuluma ngesono esidale ukwehlukana ngenhloso yokuhlangana ndawonye ngokobuhlanga ngokuya ngokuzibophezela okwabiwe kuJesu Kristu ngenhloso yokusebenzela abanye. 

Isono okufanele sibhekane naso ukucwasa ngokobuhlanga. Uma sikubiza ngokuthile ngaphandle kokuthi isono emehlweni kaNkulunkulu, lapho-ke asisasondeli kulolu daba ngombono wobukhosi bukaKristu. Ukubuyisana kumayelana nobudlelwane. Ukubuyisana kusho ukubuyisela ubungani. Ukuphenduka esonweni sokucwasana ngobuhlanga akusiyo yodwa intloso, kodwa kuhloselwe ukwakha ubungani beqiniso nezinhlanga namasiko ahlukile kunawethu. Uma sesiphendukile esonweni sobandlululo, sikuthuthukise ubudlelwano emigqeni yohlanga, ngobunye, singasebenzela imiphakathi yethu. Inkonzo kufanele ibe wusawoti nokukhanya ezindaweni zethu ngaphandle kokubheka ubuhlanga.

Iyiphi ingxenye yokubuyisana ngokweBhayibheli okudingeka usebenze kuyo?


Siyethemba ukuthi ulijabulele lolu hlelo. Ukuthola okuningi, chofozalapha.  

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Tony Evans Explores Racial Reconciliation

Esikhundleni sobunye, abantu abaningi bamane babekezelele ezinye izinhlanga. Bamane babekezelele abanye ngaphandle kokuba nesifiso sokuba nobudlelwane nabo. Kulolu-hlelo lwezinsuku eziwu-3, uDokotela uTony Evans uzosisiza ukuthi siqhelelane nokubekezelelana ngokobuhlanga bese sisondela ekubuyisaneni. Sizoxoxa ngezikhiye zokubuyisana okuyiqiniso kweBhayibheli nokuthi kungani kubalulekile kakhulu ubunye beqiniso emzimbeni kaJesu Kristu.

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusibonelela ngale sifundo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele: https://tonyevans.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo