UTony Evans Uhlaziya Ukubuyisana KwezinhlangaIsampula

Tony Evans Explores Racial Reconciliation

USUKU 2 KWEZINGU- 3

Imago Dei

Bonke abantu, akukhathalekile ukuthi ungowaluphi uhlanga, babelana ngemvelaphi efanayo ku-Adam. Incwadi yeZenzo isitshela ukuthi bonke abantu bavela emthonjeni owodwa. Ukuyithathela elinye igxathu, lapho sibheka ukudalwa kwesintu, sifunda nokuthi uNkulunkulu onguZiqu-Zintathu wasidala ngomfanekiso wakhe. Ngokwezenkolo, lokhu sikubiza imago Dei—kubhekiswe kumqondo wokuthi abantu badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Isithombe siyisibuko. Lokhu kusho nokuthi wonke umuntu, kungakhathalekile ukuthi ungowaluphi uhlanga noma isizwe, unokubaluleka kwangaphakathi nesiqgi. Isithunzi sizalwa naso. Bonke abantu bazalwa behlonishwa ngoba badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Ngakho-ke, noma yiluphi uhlobo lobandlululo, lokuphakama, lokucwasana, noma lokucindezelana akusiyona inkinga yezenhlalo kuphela, kodwa kuyinkinga yesono emgodleni wayo. Ngokuphatha umuntu ophethe isithombe naye njengongelutho ngoba bengabohlanga olwehlukile kuyisono. Futhi uma sizofinyelela ekuhlanganeni, into yokuqala okufanele siyenze ukukhuluma ngokuthembeka. Kusho ukuthi, kumele sibize noma yiluphi uhlobo lobandlululo, lokuphakama, lokucwasana, noma lokucindezelana ngokuthi impela luyini - isono. Unkulunkulu engaqala inqubo yokwelapha nokuhlanganisa uma kuqalwa kukhulunywa ngesono. Ake siqale ukuphathana njengabathwali bezithombe-abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu onguSomandla onke.

Ngabe i-imago Deiilolonga kanjani indlela obuka ngayo ezinye izinhlanga namasiko?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Tony Evans Explores Racial Reconciliation

Esikhundleni sobunye, abantu abaningi bamane babekezelele ezinye izinhlanga. Bamane babekezelele abanye ngaphandle kokuba nesifiso sokuba nobudlelwane nabo. Kulolu-hlelo lwezinsuku eziwu-3, uDokotela uTony Evans uzosisiza ukuthi siqhelelane nokubekezelelana ngokobuhlanga bese sisondela ekubuyisaneni. Sizoxoxa ngezikhiye zokubuyisana okuyiqiniso kweBhayibheli nokuthi kungani kubalulekile kakhulu ubunye beqiniso emzimbeni kaJesu Kristu.

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusibonelela ngale sifundo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele: https://tonyevans.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo