UTony Evans Uhlaziya Ukubuyisana KwezinhlangaIsampula

Tony Evans Explores Racial Reconciliation

USUKU 1 KWEZINGU- 3

Ukwebiwa Kwemininingwane Yakho

Enye yezinselelo ezinkulu namuhla, uma kukhulunywa ngobugebengu, ukwebiwa kwemininingwane. Abantu bazokweba imininingwane yakho befuna ukuyisebenzisela inkohliso. Bazenze wena futhi bathathe izinto ebezihloselwe ukuthi ube nazo. Usathane ulisela lobuwena elikhulu kunawo wonke emlandweni. Ufuna ukuphuca amakholwa zonke izinto ezimangalisayo uJesu asinike zona. Enye yezindlela enza ngayo lokhu ukusidida ngobuthina. Lokhu kudideka kungesinye sezizathu zokuthi ukucwasana ngokwebala kusakhona futhi ukubuyisana phakathi kwezinhlanga akukenzeki. 

Sidinga ukubeka uphawu lobuthina esiphambanweni sikaKristu, kepha uSathane uzozama ukusenza sithathe ezinye izindlela zobuzwe ezifana nohlanga. Yingakho ungezwa umuntu othile ezibiza ngokuthi ungUmKristu Omnyama, UmKristu Omhlophe, UmKristu oyiHispanic, UmKristu wase-Asia. Ngokobuchwepheshe, leliqoqwana lwamagama alilungile ngoba "UmKristu" usebenza njengebizo bese eguqulwa yisichasiso "sohlanga". Lokhu kungasho ukuthi ubuhlanga buguqula ukuthi singobani njengamaKristu. 

Kodwa-ke, ubunikazi bethu bukuKristu. Okusho ukuthi, isikhundla sethu kuKristu sisenza umKristu okwenzeka ukuthi abe Mnyama, Mhlophe, abeHispanic noma abe owase Asia. Ukuzazi ukuthi ungubani kubalulekile kakhulu ngoba lowo ozibona unguye kuzonquma izenzo zakho. Ubuthina kufanele bube kuKristu kuqala bese konke okunye kufanele kube ngaphansi kwako. Unkulunkulu akaceli abantu ukuthi baphike ubuhlanga noma amasiko abo, kepha ucela ukuthi lezo zinto zingaphazamisi ukuzibophezela kwethu kobuKristu. Singatha ubuhlanga bakho. Singatha usiko lakho. Yiba yilokho oyikho, kodwa ungalokothi uvumele ubuhlanga buphazamise iqiniso leBhayibheli.

Ungakuvimbela kanjani ukuthi ubuhlanga bakho bungahlanekezeli iZwi likaNkulunkulu?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Tony Evans Explores Racial Reconciliation

Esikhundleni sobunye, abantu abaningi bamane babekezelele ezinye izinhlanga. Bamane babekezelele abanye ngaphandle kokuba nesifiso sokuba nobudlelwane nabo. Kulolu-hlelo lwezinsuku eziwu-3, uDokotela uTony Evans uzosisiza ukuthi siqhelelane nokubekezelelana ngokobuhlanga bese sisondela ekubuyisaneni. Sizoxoxa ngezikhiye zokubuyisana okuyiqiniso kweBhayibheli nokuthi kungani kubalulekile kakhulu ubunye beqiniso emzimbeni kaJesu Kristu.

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusibonelela ngale sifundo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele: https://tonyevans.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo