Ithemba Eliphilayo: Ukubalela phansi ngePhasikaIsampula

Living Hope: A Countdown to Easter

USUKU 2 KWEZINGU- 3

“Thatha Inhliziyo.”

Ibhayibheli alisitsheli okuningi ngesikhathi esiphakathi kokufa nokuvuka kukaJesu. Kodwa, siyazi ukuthi kwenzeke ngomcimbi wePhasika: impelasonto eneholide lapho kukhunjulwa khona isikhathi lapho Unkulunkulu ekhulula abakwa Israel ebugqileni.

Ngalesikhathi somncimbi, amaJuda bewahlanganyela ekudleni omunye nomunye, banikele iwundlu elingenasici ethempelini ngaphambi kokuba balungisele usuku lokuphumula, usuku lweSabatha. Bekungusiku oluphambi kweSabatha ngenkathi umzimba kaJesu ubuvalelwe phakathi kwethuna.

Cabanga ukuthi ubumgumfundi kaJesu ngenkathi kwenzeka lokhu. Akungoba kuphela ushonelwe ngumngani wakho oseduze, obulawe engaphuthile, kodwa awuvumelekile ukuba umlilele kahle kuze kube ngukupha kosuku lokuphumula.

Lokhu abafundi abangakuqindanga ukuthi ngalesosikhathi lobuhlungu ababekuzwa bekuyingxenye yecebo lendaba enkulu - uhle lokusindisa thina sonke. Unkulunkulu ubebona ukuvuka kukaJesu noma abafundi bebangaboni. di

Ukuphumula kuyasikhumbuza ukuthi Unkulunkulu uyiNkosi ngaphezu kwazo zonke izimo. Ukuphumula kuphinde kusisize ukuba sigxile kokubaluleke kunakokonke okungukuthi: Munye osithembisile ukusinika konke esikudingayo. Uma sikhetha ukuma phakathi kobumzima, sikhetha ukukhonza uNkulunkulu.

Ngakhoke, noma ngabe kwenzakalani phambi kwakho namuhla, khetha ukuphumula kuNkulunkulu- noma ngabe izwe okulo likhetha ukukhathazeka. Akukho okungenzeki Kuye. matter what’s going on ar.

Khuleka: Jesu, namuhla, ngisize ukuba ngiphumele Kuwe. Ngiyazi ukuthi Wena umkhulu kunakhokonke okwenzekayo phambi kwami. Ithemba lani liKuwe kuphela ngoba Wena uyinsindiso yami. Ngiyakholwa ukuthi usukuphendule konke ukukhala kwenhliziyo yami, nanoma ngisalinde ukuzibona izimpendulo. Ngakho namuhla, ngikhetha ukubhekisa amehlo ami Kuwe. Egameni likaJesu, Amen.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Living Hope: A Countdown to Easter

Uma ubumnyama bukuzungezile, umelwe ukuphedula kanjani? Kulezizinsuku ezintathu ezilandelayo, zinikelele endabeni yePhasika uthole ukuthi ungabembelela kanjani ethembeni uma uzizwa ngathi ulahliwe, uwedwa noma awulutho.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.