Imininingwane ngohlelo

Ithemba Eliphilayo: Ukubalela phansi ngePhasikaIsampula

Living Hope: A Countdown to Easter

USUKU 1 KWEZINGU- 3

"Ungishiyeleni na?"

Cabanga ukuthi umbukele uJesu elenga esiphambanweni. Indlela eyodwa youkuthi aphefumule, yingokuthi aphakamisele umzimba wakhe ngezikhonkwane ezingalweni nasemaqakaleni. 

Njengoba ilanga selizophela, udonsa ngawo wonke amandla akhe futhi ukuba aphakame futhi asho lamazwi, “Nkulunkuli wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?" 

Uma singaba neqiniso, sonke sibenazoninzinkathi lapho sibuza ukuthi, "Nkulunkulu ukuphi kulesimo engikuso? Kungani ungishiyile?" 

Kufanele siphendule kanjani uma siba kulezozima ezenza ukuba sicabange ukuthi sisodwa noma silahliwe noma sishiyiwe?" 

Lamazwi akhulunywe nguJesu esiphambanweni athathwe encwadini yAmahubo-22 isi profetho sesililo seNkosi uDavide. Ngezindlela eziningi, leliHubo ligxila ngoJesu, kodwa liphinda lisinike izindlela ezintathu esingazilandela umu sizwa ngathi sisodwa, silahliwe noma sishiyiwe: 

1. Yiba neqiniso kuNkulunkulu ngendlela ozizwa ngayo.

Ubudlelwano buqala ngokuba neqiniso. Ngakhoke, uma uzizwa ngathi uNkulunkulu ukushiyile mtshele lokho. Mbuze uNkulunkulu yonke imibuzo yakho, ulungise inhliziyo yakho ukuzwa izimpendulo zakhe. 

2. Nika uNkulunkulu udumo noma kunjani.

Imizwa yethu ayiguquli ukuthi uNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa. Iqiniso ukuthi, kungenxa yendumiso lapho sithola khona ikhambi lokwelapha ukukhathazeka kwethu. Umasigxila ekutheni uNkulunkulu ungubani, ukubona kwethu esimeni kuyaguquka noma isimo singaguquki.

3. Khumbuza uNkulunkulu izethembiso zakhe.

Kuyoyonke incwadi yamaHubo-22, uDavide utshela uNkulunkulu ukuthi: “ Ngiyazi ukuthi ungubani, futhi ngiyazi ukuthi uthembekile kulokhu owuyikho, ngaphule njengoba waphule abantu bakho phambi kwami.” Ukukhumbuza uNkulunkulu izethembiso zakhe akusiso kuphela isenzo sokukholwa, kodwa kuyasisiza ukuba sikhumbule ukuthembeka uNkulunkulu ayikho. 

Kahlehle, ukuthembeka kwaNkulunkulu kwabonokala ngokubethelwa kukaJesu. Ujesu wazinikela ukuba ahlupheke yedwa esiphambanweni, ukuze thina sibe nobudlelwane obunguna phakade noNkulunkulu. Ujesu ungikuphelelwisa kokugcinwa kwesiprofetho samaHubo-22. Futhi, njengoba abekezelela ukwahlukana noNkulunkulu, thina asisafanelanga ukuba sahlukane noNkulunkulu. 

Thatha umzuzu uzindle ngokuzinikela kwaJesu enikelela wena. 

Khuleka: Jesu Ngiyabonga ngokungisindisa ekuhlukaneni okungunaphakade nawe. Yingoba wena uzinikele ukuba wahlukane noNkulunkulu, uYise ukuze kungadingeki ukuba mina ngahlukane naye ungunaphakade. Namuhla, ngisize ngime ngizindle ngobukhulu bokuzinikela kwakho, futhi ngikunike lonke udumo olukufanele ngokweqiniso. Noma ngabe ngozizwa njani, njalo Wena ufanelwe yindumiso yami. Ngalokho, namuhla ngikhetha ukudumisa Wena. Egameni likaJesu ngiyakhuleka, Amen.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Living Hope: A Countdown to Easter

Uma ubumnyama bukuzungezile, umelwe ukuphedula kanjani? Kulezizinsuku ezintathu ezilandelayo, zinikelele endabeni yePhasika uthole ukuthi ungabembelela kanjani ethembeni uma uzizwa ngathi ulahliwe, uwedwa noma awulutho.

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo