UNkulunkulu unathiIsampula
U-Imanuweli
Yeka isimangaliso uNkulunkulu wendawo yonke asikhetha ukuba eze emhlabeni njengosana—ubukhulu obungaka nokuthobeka konke kukodwa. Kungaba lula ukuzibuza ukuthi kungenzeka kanjani lokhu, futhi yilokho kanye uMariya akwenza lapho ingelosi uGabriyeli imbingelela ngezindaba zokuthi uzokhulelwa iNdodana kaNkulunkulu.
UGabriyeli wapgendula kuLuke 1:35 NIV, “UMoya oNgcwele uyakwehlela phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele; futhi ngenxa yalokho umntwana ongcwele uyobizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu.”
Eminyakeni engaphezu kuka-600 ngaphambi kwalokhu kuxoxisana okuyisimangaliso, umprofethi u-Isaya wakhuluma izindaba ezifanayo zokuzalwa kwentombi, ememezela ukuthi indodana yayiyobizwa ngokuthi u-Imanuweli, okusho ukuthi, “uNkulunkulu unathi.” Ngalokho, u-Isaya wasitshela ungubani futhi kuyini ukuzalwa kukaJesu, kodwa nguGabriyeli owaletha izindaba zokuthi kanjani: “UMoya oNgcwele uzokwehlela phezu kwakho…kuthi ngaleso sizathu umntwana ongcwele uyobizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu”
Njengoba sibheka isimangaliso esithi “uNkulunkulu unathi” ngamandla kaMoya oNgcwele ahlela phezu kukaMariya, khumbula ukujabula ngokuthi, ngoJesu, uMoya oNgcwele usatholakala kithi nanamuhla. lapho uJesu elungiselela abafundi Bakhe ukuhamba kwakhe emhlabeni, wabatshela ukuthi empeleni kwakukuhle ukuthi uzohamba, ukuthi ngaleso sikhathi babeyokwamukela isipho namandla kaMoya oNgcwele. Uyabona, emhlabeni, uJesu wayenguNkulunkulu ngokugcwele futhi engumuntu ngokugcwele—Wayengaba sendaweni eyodwa ngesikhathi. kodwa ngamandla kaMoya oNgcwele, ngamunye wethu sinokufinyelela kuYe ngaso sonke isikhathi, noma ngabe ukuphi!
uMoya oNgcwele owakhulelwa nguJesu esibelethweni sikaMariya, okwenza kube nokwenzeka ukuba abe nathi emhlabeni, unguMoya ofanayo nalowo uJesu athi uyofika endaweni yakhe ukuba ube nathi njalo. lapho uNkulunkulu ethumela iNdodana yakhe ngamandla kaMoya oNgcwele, wadala futhi waqinisekisa ubukhona obuhlala njalo kulabo abambiza ngokuthi iNkosi.
Ngalo Khisimuzi, vumela amandla ezipho uNkulunkulu azisungula kudala ukuba azwakale enhliziyweni yakho. Noma ngabe ugubha ngezipho nangesidlo sakusihlwa nobathandayo noma uzithola usendaweni yokulila, yazi ukuthi u-Imanuweli ukuzele. Akezelanga nje ukuzothatha umkhombe, isiphambano, noma ithuna—Uzele ukuzohlala enhliziyweni yakho ngamandla aphakade oMoya Wakhe oNgcwele. Isipho sikaKhisimusi!
Umkhuleko: Baba, ngiyabonga ngokuthumela iNdodana yakho emhlabeni futhi unginike isipho esinjalo ukuze ngigubhe ngesikhathi sikaKhisimusi. Kuyathobisa ukwazi ukuthi Uyangithanda kakhulu nokuthi ufuna ukuba nami njalo. Moya oNgcwele, ngisize ngikhumbule ukuthi noma ngikuphi, Wena unami.
Mayelana naloluHlelo
Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa uNkulunkulu awasebenzisayo eMbhalweni ukumemezela ukuza kwaKhe. Sizocubungula ukuthi uJesu yena uhlanganiselwe kanjani kwigama ngalinye kulamagama nokufanana kwaloku kithina namhlanje njengasezinsukwini ayehamba ngazo la emhlabeni.
More