UNkulunkulu unathiIsampula

God With Us

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Inkosi yokuthula

Esihle isipho esinaso kuJesu, wabeka eceleni inkazimulo yasezulwini ukuza emhlabeni ukuze asinike ukukhanya, impilo, futhi nokuphila—impela uyiNkosi efanelwe ukudunyiswa!

Ku Isaya 9:6, uNkulunkulu wakhuluma kuba Profethi futhi wabatshela ngokuza kweNkosi yethu uJesu—ukuze ngaphezu kwezinye izinto azenzayo, uzokwaziwa njengeNkosi yokuthula, okuhunyushwa ngokuthi “iNkosi yokuthula.” kepha sisuka kanjani ekuboneni futhi siye ekukholweni yilelo qiniso, ukuhamba kukho ngokweqiniso bese siba nokuthula okunikezwa Nguye kuphela?

Etestamenteni elisha, uJesus watshela abafundi bakhe, "Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.” (NgokukaJohane 16:33 NIV) Akulona iphutha ukuthi lapho uNkulunkulu ememezela ukuza kukaJesu, Wambiza ngeNkosi yokuThula. UNkulunkulu wayazi ubunzima abafundi Bakhe ababezobhekana nabo ngemva kokuhamba Kwakhe, futhi Uyabazi ubunzima esisabhekene nabo nanamuhla.

kaningi sizama ukulawula zonke izici zokuphila kwethu, sibeka isisindo saso sonke isimo emahlombe ethu, kodwa akazange ahlose ukuba sisithwale sodwa. lapho sikhetha ukubeka ubudlelwano bethu noJesu kuqala futhi silethe izinkathazo zethu Kuye, siyakhululwa ukuze sithole ukuthula okungaphezu kwemvelo okugeleza kuye ngokuqondile. ngisho nangaphambi kokuzalwa kukaJesu, uNkulunkulu usinikeze impendulo kukho konke ukukhathazeka esingaba nakho ngoBukhosi beNdodana Yakhe—yeka indlela emangalisayo!

kule nkathi, masikhumbule inkululeko nokuthula esinakho kuJesu. Nakuba sonke siqinisekisiwe ukubhekana nezimo ezinzima, ngoBukhosi Bakhe, siyakwazi ukufinyelela ekuphumuleni nokuthula okudlula noma yini esingazitholela yona thina.

Umkhuleko: Baba, ngiyabonga kakhulu ngokuthula ongiphe kona ngoJesu. Ngisize ngikukhumbule lokho futhi ngiphumule ebukhoneni Bakho. Kungakhathaliseki ukuthi ngibhekana nani, Wena unami futhi unikeza ukuthula okudlula konke ukuqonda—ngiyabonga!

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

God With Us

Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa uNkulunkulu awasebenzisayo eMbhalweni ukumemezela ukuza kwaKhe. Sizocubungula ukuthi uJesu yena uhlanganiselwe kanjani kwigama ngalinye kulamagama nokufanana kwaloku kithina namhlanje njengasezinsukwini ayehamba ngazo la emhlabeni.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://www.churchofthehighlands.com