UNkulunkulu unathiIsampula

God With Us

USUKU 2 KWEZINGU- 7

Umluleki Omangalisayo

ku-Isaya, uJesu kubhekiselwa kuye njengoMeluleki wethu Omangalisayo, futhi kulo lonke iTestamente Elisha sibona inkonzo Yakhe isekela lokhu. Ujesu akazange nje anikeze ithemba nokuphulukisa ezindaweni ezivunyelwe umphakathi, njengamasinagoge. wayisa inkonzo Yakhe emigwaqweni futhi wafuna abalahlekile, abalimele, nabaphukile, ikakhulukazi labo abalahlwe eceleni umphakathi. Yeka isibusiso esinaso kuMeluleki Omangalisayo osihlangabeza khona lapho esikhona.

Siyakhunjuzwa futhi ukuthi uJesu walingwa ngazo zonke izindlela, njengoba nje silingwa—kodwa akazange one. Ekwazi ubuhlungu nokuklolodelwa okuzayo, uNkulunkulu waba ngumuntu, ekhetha ukuzizwela zonke izici zokuphila. kuJesu, asinaye nje kuphela umuntu ongazwelana nezinkinga zethu, kodwa umuntu ohlale ekulungele futhi ezimisele ukuhamba phakathi kwazo nathi.

Kodwa njengoba nje ukufuna iseluleko esihlakaniphile kumeluleki noma umngane kuthatha izinga lokwethembeka nokuthobeka, uNkulunkulu udinga ukuba sithole ukwethembeka futhi sizithobe njengoba sinikeza uJesu imithwalo yethu. uma senza kanjalo, sizothola okungaphezu kweseluleko esihle—sizothola ukukhula, ukuphulukiswa, kanye nokunqoba okungatholakala kuye kuphela.

Njengoba sigubha uKhisimusi, masikhumbule ukuthi akudingeki sibhekane nempilo sodwa. Chitha isikhathi uxhumana futhi uthembele kuJesu, uMeluleki wethu Omangalisayo. Mfune eZwini likaNkulunkulu futhi uqiniseke ukuthi uthembekile futhi uzosondela kuwe. Kuye uzothola ukuhlakanipha, ukuqonda, kanye nesambulo—ayikho impendulo engatholakali kuJesu.!

Umkhuleko: Jesu, ngiyabonga kakhulu ngokuza kwakho emhlabeni futhi ubhekane nazo zonke izilingo ukuze ukwazi ukubhekana nalokhu engibhekene nakho. Ngibonga kakhulu ngokuthi ngingeza kuWe nanoma yini. Ngiyabonga ngokudala nokunakekela umphefumulo wami. ngisize ngibeke phansi konke phambi Kwakho, futhi ngikwethembe njengoba uhamba nami kunoma yisiphi isimo. Ngiyabonga ngokuba nguMeluleki wami Omangalisayo.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

God With Us

Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa uNkulunkulu awasebenzisayo eMbhalweni ukumemezela ukuza kwaKhe. Sizocubungula ukuthi uJesu yena uhlanganiselwe kanjani kwigama ngalinye kulamagama nokufanana kwaloku kithina namhlanje njengasezinsukwini ayehamba ngazo la emhlabeni.

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://www.churchofthehighlands.com