Ukukhumbula konke uNkulunkulu akwenzileyoIsampula
Uma sewamukele uKhristu njengomsindisi wakho, usuyisidawa esisha. Okudala kudlulile sekufike okusha! Ngesonto eledlule bewubheka osekudlulileemilweni yakho, ukuzikhumbuzisa ngamandla kaNkulunkulu, ngokuthembeka kwakhe, ubuka labo uNkulunkulu ababekileyo ukukuthuthukisa ekumazini futhi ubuka nokuzinikela kukaKhristu ekufela. Namuhla, ake ubuke amazwi atholakala kwabaseKhorinte besibili 5:11-21amazwi akhuluma ngamandla kaNkulunkulu, okuhlenga ngokuxolela kwakhe. Ayikho into emamandla, nobuqiniso, nokuzinikela kanye nokuguqula impilo edlula intethelelo kaNkulunkulu akunike yona ngoJesu Khristu. Namuhla khumbula ukuguqulwa kwempilo yakho owakuzwa ngokuthethelelwa uNkulunkulu. Khohlwa nya izindlela zakho zakudala, ukhumbule mhla impilo yakho iguqulwa iba yintsha unomphela. Dumisa uNkulunkulu umubonge ngempilo entsha ukuKhristu.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kuyinjwayelo nje yomuntu ukuthi abuke okusazofika, kodwa akumele sikhohlwa okudlulile. Loluhlelo lwezinsuku ezinhlanu lwakhelwe ukukusiza ukhumbule izinto uNkulunkulu akwenzele zona, ekwakha uze ube la ukhona namuhla. Nsukuzonke uzothola isifundo seBhayibheli nomkhuleko oqondene nokusiza ukhumbule uhambo lwakho noKhristu. Uma udinga okuthe thuthu, bheka ku finds.life.church
More
We would like to thank Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.life.church