Ukukhumbula konke uNkulunkulu akwenzileyoIsampula
Isenzo sesidlo senkosi siyisenzo sesikhumbuzo. NgokukaLuka 22 vesi 19 uJesu uthi "Lo umzimba wami owabelwe nina, yenzani lokhu nenzele ukungikhumbula" uma sidla isidlo senkosi esingcwele Sisuke sikhumbula ukuzidela kukaJesu efa esiphambanweni, efela izono zethu. Ake uzinike isikhathi namuhla ucabanga ngokuzidela kukaJesu ezidelela wena. Kungenxa yokufa nokuvuka kwakhe ukuthi namuhla unempilo entsha, ngakho ungakhohlwa ukuthi uKhristu wakufela. Impilo yakho iguqulwe unomphela. Uma uzizwa kahle, yamukela isidlo senkosi namuhla. Ngenkathi wamukela yenza njengomyalelo kaJesu, mukhumbule
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kuyinjwayelo nje yomuntu ukuthi abuke okusazofika, kodwa akumele sikhohlwa okudlulile. Loluhlelo lwezinsuku ezinhlanu lwakhelwe ukukusiza ukhumbule izinto uNkulunkulu akwenzele zona, ekwakha uze ube la ukhona namuhla. Nsukuzonke uzothola isifundo seBhayibheli nomkhuleko oqondene nokusiza ukhumbule uhambo lwakho noKhristu. Uma udinga okuthe thuthu, bheka ku finds.life.church
More
We would like to thank Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.life.church