Kungani iPhasika?Isampula

Why Easter?

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Yini okufanele siyenze?  

Itestamente Elisha likwenza kucace ukuthi kufanele senze okuthile ukuze samukele isipho esivela kuNkulunkulu. Lesi isenzo sokholo. Ujohane ubhala ukuthi "uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade’"( NgokukaJohane 3:16).

Ukukholwa kuhilela isenzo sokholo, esisekelwe kukho konke esikwaziyo ngoJesu. Akulona ukholo oluyimpumputhe. Kuwukubeka ithemba lethu kuMuntu. Ngandlela thize, kufana nesinyathelo sokholo esithathwa umakoti noma umkhwenyana lapho ethi, "Ngizokwenza" ngosuku lwabo lomshado.

Indlela abantu abathatha ngayo lesi sinyathelo sokholo iyahluka kakhulu, kodwa ngifuna ukuchaza indlela eyodwa ongathatha ngayo lesi sinyathelo sokukholwa njengamanje. Ingafingqwa ngamagama amathathu alula kakhulu:

"Uxolo"

Kufanele ucele kuNkulunkulu ukuthi akuthethelele kukho konke okwenzile okubi futhi ushiye kukho konke owaziyo ukuthi akulungile empilweni yakho. Yilokhu iBhayibheli elikushoyo "ngokuphenduka."

"Ngiyabonga"

Siyakholwa ukuthi uJesu wasifela esiphambanweni. Udinga ukumbonga ngokukufela nangokukunikeza isipho sakhe samahhala sentethelelo, inkululeko kanye noMoya wakhe.

"Ngicela"

Unkulunkulu akalokothi aphoqe indlela yakhe ezimpilweni zethu. Udinga ukwamukela isipho sakhe futhi ummeme ukuba eze futhi ahlale ngaphakathi kwakho ngoMoya wakhe.

Uma ungathanda ukuba nobudlelwane noNkulunkulu futhi usulungele ukusho lezi zinto ezintathu, nanku umthandazo olula ongawuthandaza futhi ozoba yisiqalo salobo budlelwano:

Nkosi uJesu Kristu,

Ngiyaxolisa ngezinto engizenzile empilweni yami (thatha isikhashana ukucela intethelelo kuye nganoma yini ethile ekunembeza wakho). Ngicela ungixolele. Manje ngiyayeka yonke into engiyaziyo ukuthi ayilungile.

Ngiyabonga ukuthi wangifela esiphambanweni ukuze ngithethelelwe futhi ngikhululwe.

Ngiyabonga ukuthi unginika intethelelo nesipho sikaMoya wakho. Manje ngiyasithola leso sipho.

Ngicela ungene empilweni yami ngoMoya wakho oNgcwele ukuze ube nami kuze kube phakade.

Ngiyabonga, Nkosi Jesu. Ameni.

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Why Easter?

Yini ebaluleke kangaka ngePhasika? Kungani kunesithakazelo esingaka kumuntu owazalwa eminyakeni engu-2 000 edlule? Kungani abantu abaningi kangaka bejabule ngoJesu? Kungani simdinga? Kungani eza? Kungani afa? Kungani kufanele umuntu azihluphe ngokukuthola? Kulolu hlelo lwezinsuku ezi-5, u-Nicky Gumbel wabelana ngezimpendulo ezigculisayo kuleyo mibuzo.

More

Sithanda ukubonga iAlpha no Nicky Gumbel ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://alpha.org/