Kungani iPhasika?Isampula

Why Easter?

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Inkululeko kukuphi?  

Ujesu wakhokha, ngegazi lakhe esiphambanweni, inani lesihlengo ukuze asikhulule.

Ukukhululeka ekubeni necala

Kungakhathaleki ukuthi sizizwa sinecala noma cha, sonke sinecala phambi kukaNkulunkulu ngenxa yezikhathi eziningi esephule imithetho yakhe ngemicabango, ngezwi nangesenzo. Njengoba nje umuntu enza ubugebengu kunesijeziso okufanele sikhokhe, ngendlela efanayo kunesijeziso sokwephula umthetho kaNkulunkulu. "Inkokhelo yesono ingukufa" ( KwabaseRoma 6:23).

Umphumela wezinto esizenzayo ezingalungile wukufa komoya—ukuhlukaniswa noNkulunkulu phakade. Sonke sifanele ukuhlushwa yileso sijeziso. Esiphambanweni, uJesu wathatha isijeziso esikhundleni sethu ukuze thina sithethelelwe ngokuphelele futhi amacala ethu asuswe.

Ukukhululeka ekujovekeni

Ujesu wathi "wonke umuntu owonayo uyisigqila sesono" ( NgokukaJohane 8:34). Ujesu wafa ukuze asikhulule kulobo bugqila. Esiphambanweni, amandla alokhu kujoveka ephulwa. Nakuba sisengase siwe ngezikhathi ezithile, amandla alowo mkhuba ayancipha lapho uJesu esikhulula. 

Inkululeko ekwesabeni

Ujesu weza ukuze "ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla okufa—okungukuthi, udeveli—akhulule labo ababegqilazwe ukuphila kwabo konke ngokwesaba ukufa" (AmaHebheru 2:14-15). Akusadingeki sikwesabe ukufa.

Ukufa akusona isiphetho salabo uJesu abakhululile. Kunalokho kuyisango lokungena ezulwini, lapho siyokhululeka khona ngisho nasebukhoneni besono. Lapho uJesu esikhulula ekwesabeni ukufa, wasikhulula kukho konke okunye ukwesaba. 

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Why Easter?

Yini ebaluleke kangaka ngePhasika? Kungani kunesithakazelo esingaka kumuntu owazalwa eminyakeni engu-2 000 edlule? Kungani abantu abaningi kangaka bejabule ngoJesu? Kungani simdinga? Kungani eza? Kungani afa? Kungani kufanele umuntu azihluphe ngokukuthola? Kulolu hlelo lwezinsuku ezi-5, u-Nicky Gumbel wabelana ngezimpendulo ezigculisayo kuleyo mibuzo.

More

Sithanda ukubonga iAlpha no Nicky Gumbel ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://alpha.org/