Ukuphumula Kwaba KhatheleIsampula

Sifunda kanjani ukuziletha kwijoka elilula lika Jesu umnikazi wethu na?
Isiyalo sesithathu uJesu asinika sona kulesisiqephu kwaba yilesi:
“Nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.” (Matthew 11:29).
Singena esikoleni sika Jesu okungese joka elihle nomthwalo olula ngokuphila impilo Naye ayiphila. Kanjengoba sifunda ngempilo Yakhe ezwini futhi siphendula ngemikhuleko yokuzehlisa, sithola ukuba sifunde ukulandela imiyalo Yakhe:
“Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda usindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.” (Matthew 16:24-25).
Kafishane, sifunda kuJesu ngokuba, sizibophezele ekubeni ngabafundi Bakhe. Sihlala ezinyaweni Zakhe sifunda indlela Yakhe yempilo kuze kuba iba ngeyethu nathi.
Angifuni nicabange ukuthi ukuza kuJesu, nithabathe ijoka Lakhe, futhi nifunda kuYena, kungachaza ukuthi ngomlingo, siyokhululwa emithwalweni nasekuhlushweni kwethu. Kepha, kuchaza ukuthi, umthwalo uba ngolula uma sithola ukuthi siyijoka kuYena owayeqine ngokuphelele ukuthwala isiphambano siyisisindo sazo zonke izono zethu.
Ngabe wena uzibophezele ekubeni ngumfundi kaJesu—hayi nje ngokuba ngomunye wabathola isimemo Sakhe sensindiso, kepha ngokuba ube yilowo ophokophele ukwenza indlela Yakhe yokuphila kweyakho impilo?
Uma ungafisa ukufunda kabanzi ngokuthola uKrestu esikhathini sokuhlushwa, cindezela lapha ukuthola le ebook eqhamuka ku Dr. Tony Evans esihloko sithi "Joy in Adversity."
Mayelana naloluHlelo

Uhlaka lwalesisifundo olubhalwe ngu Dr. Tony Evans, luzokupha ukuba ubone ngokujulile imiyalo emithathu eyakhishwa ngu Jesu, ukusiza wena ukuba ungene esikhathini sokuphumula ngokunethezeka empilweni yakho.
More