Ukuphumula Kwaba KhatheleIsampula

Rest For The Weary

USUKU 2 KWEZINGU- 3

Kungani ukuza kuJesu kuletha ithemba lokuphumula kulabo abakhatheleyo na? 

Impendulo ibekwe kahle kulomyalelo olandelayo uJesu awunikeza isixuku: "Bekani ijoka lami phezu kwenu" (Matthew 11:29). 

Uma siza kuJesu, semukela eLakhe ijoka, futhi, kanjenge nkabi ilima ensimini, nathi kumele sivume ukuholwa Nguye. Asisebona abanikazi nabaholi bengomusa lethu, kepha kanjengabafundi bokuqala kwi-Gospeli kaMathewu ababizwa ngu Jesu (uPeter beno Andrew), nathi siyezwa, sithobele imiyalo kaJesu yokuba "Silandele Yena" (Matthew 4:19). Kephake, lelijoka, lichazwa njengelilula: 

“Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula” (Matthew 11:30). 

Igama lesi Greki chrēstos—lapha elisetshenziswe ukuchaza njengoku “lula”—lihumusheka kahle njengokuthi “isilinganiso-esihle noma into eyenzelwe wena.” Ijoka eliyisilinganiso esingesihle liyahlukumezana futhi liyayikhathaza inkabi esuke ilima, kodwa ijoka elilula lika Jesu yilelo elenziwe kahle ukuze abafundi balandele Yena. Emuva kwakho konke, uNginguye ungu Mdali wazo zonke izinto futhi wazi kahle zonke izidingo esinazo. Umhubi uchaza lokhu kunakekelwa kwezidingo zethu ngalendlela: 

“Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli” (Psalm 103:13-14). 

Ukulandela uJesu nokuthabatha ijoka Lakhe akusikho ukuhamba epaki. Kuhambisana nokuhlushwa, ukubekezela, kanye nokulandela intando yoMdali. Kephake, kuyintokozo ukulandela Yena owasidalayo, osithandayo ngokusinakekela, futhi nosazi kahle.

Sifunda kanjani ukulandela ijoka elilula lika Jesu ongu Mnikazi wethu na?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Rest For The Weary

Uhlaka lwalesisifundo olubhalwe ngu Dr. Tony Evans, luzokupha ukuba ubone ngokujulile imiyalo emithathu eyakhishwa ngu Jesu, ukusiza wena ukuba ungene esikhathini sokuphumula ngokunethezeka empilweni yakho.

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusibonelela ngale sifundo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele: https://tonyevans.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo