Ukulungiselela UmshadoIsampula

Getting Ready for Marriage

USUKU 2 KWEZINGU- 7

“Abasekhweni”

Uyalikhumbula leli vesi? “Indoda iyoshiya uyise nonina futhi inamathele kumkayo.”

Ngaphandle kwenhloso yokuzwakala kungenanhliziyo, kufanele sikusho ukuthi awukwazi ukuvumela amalunga omndeni wakho ehlise umshado wakho. Imishado eminingi iyawohloka futhi iyafadalala ngenxa yokuthi imizabalazo nobuhlungu bamalungu omndeni owandisiwe kufika kuqala kunanoma yiluphi uhlobo lokuhlangana emshadweni. Umgomo ovela kuNkulunkulu uwukushiya umndeni wakho futhi wenze owakwakho abe yinto eza kuqala kuwe. Lokho akusho ukuthi awubanaki abanye bomndeni wakho; kusho ukugcina umshado wenu ungcwele futhi uvikelekile ukuze nihlale nimunye naphezu kwanoma yiziphi izinselelo imindeni yenu okumele ibhekane nazo. Vikela umndeni wakho futhi wenze okufanele.

UNgokusho kanjalo, ukufunda izindlela zese mndenini kungaba sezingeni eliphezulu lokuhlonipha. Lapho ubonisa udumo emndenini wakho, usuke ubonisa umngani wakho womshado udumo. Kungakhathaliseki ukuthi uhluke kangakanani emndenini wakho, usengakwazi ukukhuluma ngenhlonipho futhi ufunde ukuba nombono omuhle ngangokunokwenzeka. Kungakhathaliseki ukuthi umkhwekazi wakho uyalukhumbula usuku lwakho lokuzalwa, qiniseka ukuthi uthola ikhadi elihle elivela kuwe. Kungase kudingeke ukuthi wenze lokho okulindele ukuze ubonise inhlonipho ekhweni lakho. Lokhu akusho ukuthi kufanele uziphoqe ukuthi uxhumeke kakhulu nabo. Akudingekile ukubabiza ngokuthi “Baba” noma “Mama” futhi ubukele i-TV nabo njalo ngeSonto ebusuku. Kodwa uma ukhetha ukushada nendodana noma indodakazi yabo, kuwumsebenzi wakho ukuthola izindlela zokubanakekela (ngisho noma lokho kunakekela nenhlonipho kungenakubuyiselwa ngaso sonke isikhathi).

Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha ukwenzani ukuze uhloniphe abasekhweni lakho, khumbula ukuthi umsebenzi wakho oyinhloko uwukusekela umkakho noma umyeni wakho wakusasa kungakhathaliseki ukuthi kungakanani noma kuncane kangakanani enifana ngakho nomndeni wabo. Kwenze umgomo wakho ukuphila ngokuvumelana nalesi simiso seBhayibheli: “Ekuboniseni udumo nivelele omunye komunye.”

* Ubahlonipha kanjani abasekhweni? Ungakhela ngaziphi izindlela phezu kwalokhu esikhathini esizayo?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Getting Ready for Marriage

Kuthathwe encwadini yabo ethi "Getting Ready for Marriage," joyina ochwepheshe bezobudlelwano uJim Burns noDoug Fields njengoba bekusiza ukuthi uqale manje ukuhlelela ubudlelwane ubuhlala njalo. Ezezimali, abasekhweni, ukuxhumana, ukuxolelana, okulindelekile ocansini, asikho isihloko esinqunyelwe njengoba wena nomngani wakho womshado nilungiselela ukusuka ekuthembiseni ningene esivumelwaneni sempilo yonke komunye nomunye.

More

Sithanda ukubonga u-David C Cook ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/getting_ready_for_marriage/

Izinhlelo zohlobo olufanayo