Izinsuku ezingu-7 Zokuthola UkuphumulaIsampula

7 Days of Finding Rest

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Vumela umfundisi ongcono kakhulu emhlabeni anifundise!

uJesu uthi eZwini Lakhe: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.. Bekani ijoka lami phezu kwenu. Ake nginifundise, ngokuba ngithobekile, ngimnene ngenhliziyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu.” (bheka uMathewu 11:28-29)

Ngivumele ngikubuze lo mbuzo: Uma ubugula kakhulu, ubuyophendukela kubani na? Ungathanda ukubona udokotela, noma ungafuna udokotela onguchwepheshe endaweni lapho udinga khona usizo?

Nginesiqiniseko sokuthi sonke singathanda ukuya kumuntu owenza kahle kakhulu kulokho akwenzayo...akekho phakathi kwethu ongathanda ukuphathisa impilo yakhe kumuntu ongeke amnike konke noma bebengenakho ubungcweti obudingekayo.

Kuthiwani ngokholo lwethu? Ukuze luhlale luqinile, ukholo ludinga ukufundisa okuqhubekayo, futhi umthombo oqinisekile wokufundisa uvela kuMfundisi uqobo, uJesu. Ufisa ukusifundisa kukho konke ngothando lwakhe: “Ngizakukuhola ngikufundise indlela omele ukuhamba ngayo; Ngizokuqondisa ngeso Lami.” (bheka AmaHubo 32:8)

Ngakho-ke yini anayo ukuze asifundise yona? Upetru, owayeqonda umongo wemfundiso kaJesu, wathi, “...“Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade nguwe.” (bheka uJohane 6:68)

Nakhu iNkosi efuna ukukufundisa khona manje…

  • Ukuphumula kungukwazi ukuyeka.
  • Ukuyeka ukuyaluza, kusukela ekuzabalazweni.
  • Kuyakhulula, ukuyeka. 

NjengoMariya, yima ezinyaweni zikaJesu ukhethe ingxenye enhle: zivumele ufundiswe yiLowo onamazwi okuphila okuphakade.

Namuhla, ngiyakukhuthaza ukuba ungene endaweni ecashile, ekamelweni lakho, futhi ubeke umthwalo wakho ezinyaweni zakhe. Khona-ke, uma uphuma, shiya inkinga yakho lapho noJesu ekamelweni lakho. Mtshele...manje, Nguwe okunakekelayo! 

Siyabonga ngokubakhona!

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

7 Days of Finding Rest

Lolu hlelo lokufunda ‘lokuthola ukuphumula’ lusekelwe emazwini kaJesu akuMathewu 11:28-29. UJesu wathembisa ukuthi uma uza kuye, uzothola ukuphumula. Umgomo wale miyalezo uwukusiza ukuba uthole ukuphumula kwangempela, kungaba ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo. Ake siqale lolu chungechunge!

More

Sithanda ukubonga i-Jesus.net ngokusihlinzeka lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: http://bit.ly/miracle-jesusnet-findingrest/

Izinhlelo zohlobo olufanayo